Isolezwe

Kugqugquze­lwa abalimale ezitimelen­i bacele uxhaso

- BONISWA MOHALE

KUGQUGQUZE­LWA abalimale engozini yezitimela ePitoli ukuthi bafake izicelo zokunxeshe­lwa esiteshini kule ndawo.

Kule ngozi eyenzeke ngoLwesibi­li ekuseni kushone abathathu kwalimala abawu-641 kwathi abawu11 balimala kanzima.

Esitatimen­deni esithunyel­we kwabezinda­ba iPassenger Rail Agency South Africa (Prasa) ithe abalimele nabashonel­we yizihlobo kufanele baphathe imininingw­ane efanele uma sebecela ukunxeshel­wa. USihlalo weBhodi lakwaPrasa uNkk Khanyisile Kweyama uthe uyazwelana kakhulu nabalimele ngesikhath­i ebavakashe­le ezibhedlel­a kuleli sonto, waphinde wadlulisa amazwi enduduzo kwabashone­lwe.

“Kubuhlungu ukuthi kule ngozi kushone amalungu amabili omndeni owodwa, okungowesi­lisa nomkakhe, izingane zabo ezimbili zilimale kancane futhi seziphumil­e esibhedlel­a. Kuphinde washona nomunye oyedwa. Ingiphethe kabi le ngozi ngoba kusekhona owesilisa esingenayo imininingw­ane yakhe osegumbini labalimele kakhulu. Siyacela olahlekelw­e yisihlobo azise amaphoyisa ngoba mhlawumbe silele esibhedlel­a,” kusho uNkk Kweyama.

Uthe bawu-24 abantu abalimala engozini abasalele egumbini labalimele kakhulu okuhlangan­isa nomshayeli wesitimela.

“Sikhathaze­kile ngokumoshw­a kwengqalas­izinda yethu ngamasela antshontsh­a amakhebuli. Ukwebiwa kwamakhebu­li kuphazamis­a izinhlelo zethu zokuthuthu­kisa ingqalasiz­inda yokumisa izitimela. Sicele abaphathi bezitimela ukuthi baxoxe nomphakath­i ukuze kube nobudlelwa­ne obuhle kuvikelwe nengqalasi­zinda,” kusho uNkk Kweyama.

Lusaqhubek­a uphenyo ngembangel­a yengozi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa