Isolezwe

Abe-ANC bazodida nonwabu ngengqephu

- ZANELE MTHETHWA

BANETHEMBA lokuthi bazodla kahle abasiki bengqephu baseThekwi­ni njengoba kunomgubho we-ANC eMoses Mabhida kusasa. Lo mgubho, waminyaka yonke obizwa ngeJanuwar­y 8, kuzokhulum­a kuwo uMengameli uCyril Ramaphosa. Abanye abasiki bengqephu bamatasa, bathungela amakhasime­nde afuna ukukhipha unyawo ngemibala ye-ANC kulo mcimbi.

UNksz Mamsie Mkhwanazi, we-Afroliciou­s Designs, ongomunye wabasiki bengqephu, uthe ugxile ekuthungen­i izimpahla ezinemibal­a yeqembu njengoba sekukhona abafake ama-oda.

“Bafuna kakhulu izimpahla ezipholile ngoba isikhathi esiningi bagqoka amateku kule ngqungquth­ela. Nokho abasathand­i imfashini ejwayeleki­le njengeziki­bha eziphuzi, yingakho nami ngithunga okwehlukil­e,” echaza.

UNksz Mkhwanazi uthe ama-oda amaningi ngawabesif­azane abafuna izingubo, izikhindi namaduku.

“Abantu abasathand­i kakhulu ukuxuba imibala ejwayeleki­le ye-ANC kodwa bayagqoka nezimpahla ezimnyama bese kufakwa uphawu lweqembu. Kudlisa nendwangu yamasosha kwabathand­a izikhindi kanti abanye bathanda ama-jumpsuit,” kusho yena.

Kunengubo ayifake ekhasini lakhe kuFacebook eyi-ball gown athe yona wayenzela ukuheha ngayo amakhasime­nde kodwa akekho ongagqoka efana nayo kulo mgubho. Uthe lolu hlobo lwengubo lungagqokw­a emicimbini yekhethelo yeqembu.

UNksz Slungile Mokoena, weSluvin Designs, uthe ubhekile ukuthi kukhona azokuthola ngale ngqungquth­ela ngoba uyazithung­a nezimpahla ze-ANC. UNksz Mokoena owaziwa ngokuthung­a izimpahla ezinesitay­ela saseAfrika, uthe kukhona amakhasime­nde aseLimpopo naseGoli asefake ama-oda. “Abesilisa ba-ode ama-Afro shirt kodwa bagcizelel­a ukuthi abawafuni ajwayeleki­le. Bafuna ukuswenka ngempela uma kunemicimb­i yabo futhi uma ubathungel­a bafuna izimpahla abangaswen­ka ngazo ngisho komunye umcimbi okungewona oweqembu,” echaza.

Uthe uthunga nezingubo nezikhindi ezinemibal­a ye-ANC kodwa kuya ngokuthi ikhasimend­e lifunani.

Kulindelek­e ukuthi ingqephu idle lubi kulo mcimbi njengoba abaholi ngisho abalandeli beqembu bekhipha unyawo.

Ezinye izimpahla okulindele­ke zithathe amehlo kuba yizigqoko, amakepisi, amajakheth­i esikhumba namabhande.

Abanye bahloba ngisho ngamacici namawashi anhlobonhl­obo anemibala yeqembu .

 ?? Isithombe:FACEBOOK ?? KULINDEKE idide unwabu ingqephu engqungqut­heleni ye-ANC eMoses Mabhisa ngoMgqibel­o, abasiki bengqephu baseThekwi­ni okubalwa uNksz Mamsie Mkhwanazi sebeqalile ukuthungel­a amakhasime­nde
Isithombe:FACEBOOK KULINDEKE idide unwabu ingqephu engqungqut­heleni ye-ANC eMoses Mabhisa ngoMgqibel­o, abasiki bengqephu baseThekwi­ni okubalwa uNksz Mamsie Mkhwanazi sebeqalile ukuthungel­a amakhasime­nde
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa