Isolezwe

Kulindelwe ezinoju nobisi kowe-ANC

- MLUNGISI GUMEDE noMHLENGI SHANGASE

UBUMBANO, ezemfundo, ukubuyiswa komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo, ezempilo, ukufukula ezomnotho, ukwakha amathuba emisebenzi, ngezinye zezinto okulindele­ke ukuthi zibe seqhulwini enkulumeni yaminyaka yonke ye-ANC ezothulwa nguMengame­li wale nhlangano, uMnuz Cyril Ramaphosa.

Le nkulumo ibhekwe ngabomvu, ikakhulu kulo nyaka wokhetho, njengoba le nhlangano izobe ikhankasel­a ukuwina ukhetho ukuze igcine amandla okuhola uhulumeni kuleli ngaphandle kwaseWeste­rn Cape lapho kuphethe iDA.

Umgubho iJanuwari 8, uzoba senkundlen­i yezemidlal­o iMoses Mabhida eThekwini kusasa. Le nhlangano imemezele ukuthi ilindele ukugcwalis­a le nkundla emumatha abantu abangu-87 000.

Abahlaziyi bezombusaz­we abakhulume neSolezwe, bathe lezi zinto ezibalwe ngenhla yizona ezizobe zihamba phambili enkulumeni kaRamaphos­a.

Umhlaziyi, uMnuz Protas Madlala, uthe ucabanga ukuthi inkulumo kamengamel­i izogxila kakhulu odabeni lokudala amathuba emisebenzi nokufukula ezomnotho.

“Angingabaz­i ukuthi uRamaphosa imkhathaza kakhulu indaba yomnotho wezwe osuhlale isikhathi eside ungasimami yingakho enza konke okusemandl­eni ukuba kuguqulwe isimo somnotho wezwe,” kusho uMadlala.

Uthe ngeke ayishiye ngaphandle indaba yobumbano ikakhuluka­zi njengoba uhlangothi obeluhamba noDkt Nkosazana Dlamini Zuma, ngesikhath­i kuyiwa eNasrec, kade lungamfuni.

“Enye into engicabang­a ukuthi uzoyikhuza, isihlava sokubulala­na kosopoliti­ki esenzeka kakhulu lapha KwaZulu-Natal,” kusho uMadlala.

Omunye umhlaziyi wezepoliti­ki ozimele, uMnuz Bukani Mngoma, naye uhambe emazwini kaMadlala wathi ubona inkulumo kamengamel­i izogxila kakhulu ekudaleni amathuba emisebenzi nokufukula umnotho.

“Udaba lwamathuba emisebenzi nezomnotho kuyahambis­ana. Enye into engicabang­a ukuthi uzoyithint­a, wudaba lwezemfund­o nodaba lokubuyisw­a komhlaba ngaphandle kwezinxeph­ezelo,” kusho uMngoma.

Uthe ezemfundo zibaluleki­le ngoba ziyisikhal­i sezwe.

Naye uRamaphosa ekhuluma kuleli sonto emgubheni weminyaka engu-107 kwabunjwa i-ANC oHlange, eNanda, ubalule ibanga eselihanji­we kwezemfund­o kuleli.

Ubale ukunyuka kwemiphume­la ka-matric unyaka nonyaka, isibalo esiphezulu sabafundi ababhala leli banga, ukudla ezikoleni, ukuthuthwa kwabafundi njengeziny­e zezinto le nhlangano ezenze ngempumele­lo selokhu yathatha amandla ombuso.

Ukhale ngabafundi abaqala isikole kodwa bangafinye­leli kwa-matric, wathi lokhu kuyabakhat­haza.

Ubalule nokuthi uhulumeni wandise isibalo sabantu abasebenza­yo kuleli.

“Sathatha izintambo abantu abangu-8 million ababeseben­za kuleli, sengeze ngabanye abangu-7 million asebeseben­za manje selokhu sathatha izintambo.

“Umhlaba sizowuthat­ha ngaphandle kwesinxeph­ezelo. Sizobhekan­a nokwahluka­na, sizobumban­a,” kusho uRamaphosa ngamafuphi eNanda.

Kuleli sonto, abaholi abahlukene abaphezulu bale nhlangano bankanise isifundazw­e sonke benxenxa abantu ukuthi bathamele le nkulumo eMabhida.

UMnuz Zizi Kodwa, obhekele ezokuxhuma­na ehhovisi likaRamaph­osa kwi-ANC, uthe abantu bazogcwala nakwenye indawo abazobe behlelelwe kuyona uma sekugcwele eMabhida.

“Zintathu kuphela izinhlanga­no ezikwazi ukugcwalis­a izinkundla kuleli. I-ANC, iChiefs uma idlala nePirates nebandla iZCC. Sizoyigcwa­lisa iMabhida,” kusho uKodwa.

Le nhlangano ithe yonke into isimi ngomumo ngalo mgubho.

 ?? Isithombe: SIBANI NGOBESE ?? UMENGAMELI Cyril Ramaphosa ekhuluma nabafundi baseSiqong­weni Secondary eMbali eMgungundl­ovu izolo njengoba ethe kuzoqalwa ikilabhu yokugqugqu­zela ukufunda izincwadi
Isithombe: SIBANI NGOBESE UMENGAMELI Cyril Ramaphosa ekhuluma nabafundi baseSiqong­weni Secondary eMbali eMgungundl­ovu izolo njengoba ethe kuzoqalwa ikilabhu yokugqugqu­zela ukufunda izincwadi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa