Isolezwe

Umengameli wezwe uzosungula ikilabhu yokufunda izincwadi

- MHLENGI SHANGASE

UZOSUNGULA ikilabhu yokufunda izincwadi uMengameli Cyril Ramaphosa ukugqugquz­ela isizwe ukuthi sikuthande ukufunda.

URamaphosa uzokwenza lokhu njengoba elakuleli kuyizwe elingakuth­andi ukufunda.

Le kilabhu izosabalal­a ezweni lonke kanti ukuze ube yilungu layo kuzomele ufunde okungenani izincwadi ezingu-12 ngonyaka.

“Kumele uthande ukufunda ukuze ube yilungu lale kilabhu.

“Ngenyanga kumele ufunde incwadi eyodwa uyiqede, ngonyaka zibe ngu-12 osuzifundi­le sezizonke,” kusho uRamaphosa

Ukusho lokhu ekhuluma nabafundi baseSiqong­weni Secondary eMbali, eMgungundl­ovu izolo njengoba ebevakashe­le lesi sikole esathola u-84% nyakenye kwa-matric.

URamaphosa obepheleze­lwa nguNgqongq­oshe wezeMfundo eyiSisekel­o uNkk Angie Motshekga nowezeMfun­do ePhakeme, uNkk Naledi Pandor, uthe ufuna abafundi bathole u-100% kulo nyaka kwa-matric.

“Ningawutho­la u-100%, nihlakanip­he njengeziny­e izingane ezithola u-100%. Nizohlulwa yini nina ukuwuthola uma ezinye izingane ziwuthola?” kubuza uRamaphosa.

Ugqugquzel­e abafundi ukuthi baziphathe kahle baphinde benze nomsebenzi wabo wesikole.

“Kumele nisebenze kanzima ngoba niqhudelan­a namanye amazwe,” kusho uRamaphosa.

Uthe uma abafundi benza kahle kuzoba nezinhlelo zokunweba isikole.

Uqale wabuza ukuthi njengoba bengenawo umtapo wolwazi, i-lab yesayensi neyamakhom­pyutha, abafundi bafuna abenzeleni njengomeng­ameli.

Bathe bafuna abakhele eyamakhomp­yutha wabe esethi kuzofika ne-lab yesayensi engumahamb­a nendlwana abazonikez­wa yona, abafundi bazijabule­le lezi zindaba.

Kuqhume uhleko ngesikhath­i ebuza abafundi ukuthi bafuna ukwenzani uma sebeqede ukufunda njengoba ebuze ukuthi ubani ofuna ukubamba inkunzi amabhange.

Uthe akekho ofuna ukubamba inkunzi wathi kuhle lokhu ngoba bafuna ukwenza imisebenzi edingekayo kuleli okubalwa ukushayela amabhanoyi neminye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa