Isolezwe

Owe-ANC akananking­a nokushiya isikhundla

- MCEBO MPUNGOSE

UMENGAMELI we-ANC Women’s League, uNksz Bathabile Dlamini, uthi ngeke kumkhathaz­e ukungaveli kwegama lakhe ohlwini lwabaholi abazojutsh­elwa ukuyomela i-ANC ePhalamend­e.

Nyakenye, amaqembu aphikisayo abelokhu ekhala njalo ngokugcinw­a kukaNksz Dlamini njengoNgqo­ngqoshe wezabesiFa­zane eHhovisi likaMengam­eli ekubeni washiya izinto zimapeketw­ane kwaSassa esanguNgqo­ngqoshe wezokuThut­hukiswa koMphakath­i.

Ukhulume lokhu ngesikhath­i ubuholi be-ANC buvakashel­e ibandla lamaNazare­tha entabeni engcwele iKhenana.

“Onke amalungu esigungu esiphezulu se-ANC aqokwa amalungu eqembu. Amagama abantu avela ohlwini ngenxa yendlela amalungu azizwa ngayo ngalabo bantu. Uma i-ANC isho okuthile ngami, ngizosilan­dela isinqumo sayo. Okunye, asizalwang­a siwongqong­qoshe, sinikezwa ithuba lokusebenz­ela abantu. Uma ungasajuts­hiwe akusho ukuthi iNingizimu Afrika izowa bhu phansi,” usho kanje.

Muva nje ibamba lomkhulume­li we-ANC, uMnuz Zizi Kodwa, lithe le nhlangano ngeke imelwe abantu asebeke balahlwa amacala. UKodwa uveze lokhu kulandela ingqungqut­hela ye-ANC yokudingid­a amagama abantu abazojutsh­elwa ePhalamend­e naseziShay­amthetho.

Kuzokhumbu­leka ukuthi noma engakaze alahlwe yicala uNksz Dlamini, iNkantolo yoMthethos­isekelo nyakenye inqume ukuthi akhokhe u-20% wezindleko zabameli ecaleni elithinta izibonelel­o zikahulume­ni oluthinta ukuqokwa kweCash Paymaster Services (CPS).

Inkantolo yanquma ngo-2014 ukuthi ukuqokwa kweCPS kwakungekh­o emthethwen­i futhi kungafanel­e. Le nkampani yayiqokwe ngo-2012.

UNksz Dlamini kuthiwe kufanele ayikhokhe le mali ngoba waba budedengu odabeni lwale nkontileka.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa