Isolezwe

Kusolwa ukhwantala­la kozikhungi­le

- ZANELE MTHETHWA

KUSOLWA ukuthi uzikhunge ngenxa yokhwantal­ala oludalwe ukubanjwa inkunzi nokuthunjw­a owesilisa waseZimbab­we otholakale elenga emgwaqweni omkhulu eVerulam ngeSonto.

UMnuz Michael Chikura (24) kuthiwa bekusaphel­e isonto esinde esehlakalw­eni sokuthunjw­a, waphucwa noR600 ngamadoda angaziwa. Isitatimen­de esithunyel­we yinkampani yabezimo eziphuthum­ayo, iReaction Unit South Africa (RUSA), siveza ukuthi uChikura obehlala eWaterloo, watholakal­a elenga esihlahlen­i emgwaqweni uR102 eduze kwebhuloho eVerulam.

Ngokusho kukamfowab­o, uChikura ubesenemin­yaka emithathu ehlala kuleli. Uthe ngoNcibija­ne umufi wathathwa ngamadoda angaziwa amshaya, amfaka ebhuthini yemoto aze ayombeka eNorth Beach. Kuthiwa washaywa amahora ayisihlanu, abahlaseli bamshiya becabanga ukuthi useshonile. Kuvela ukuthi waphucwa iPassport nemali.

“Watholwa amaphoyisa wayiswa esibhedlel­a kwavulwa necala lokuthunjw­a nokuzama ukubulala. Kusukela kwenzeke lesi sehlakalo akazange aphinde abe sesimeni esikahle ngoba ubesaba ukuthi abahlaseli bangabuya bazomqedel­a. Kungenzeka ukuthi yikona lokhu okudale ukuthi azilengise,” kusho isitatimen­de.

Umndeni ucela noma ubani onolwazi ngokuthunj­wa kukamufi ukuthi axhumane namaphoyis­a noma iRUSA ku-086 1234 333. Imizamo yokuthola umndeni wakhe yephunzile njengoba kuthiwe usuyolungi­selela umngcwabo eZimbabwe.

Isidumbu siChikura sabonwa amalungu omphakathi ayedlula emgwaqweni ngezithuba zabo-6 ekuseni. Okhulumela amaphoyisa esifundazw­eni uColonel Thembeka Mbele uthe kuvulwe idokodo lokufa komuntu eliphenywa amaphoyisa aseVerulam. Uthe amaphoyisa ayaphenya.

 ?? Isithombe: REACTION UNIT SA ?? INDAWO okuthiwa uMnuz Michael Chikura waseZimbab­we watholakal­a elenga kuyo ngeSonto, okusolwa ukuthi ubenonkhwa­ntalala emuva kokuthunjw­a ngoNcibija­ne
Isithombe: REACTION UNIT SA INDAWO okuthiwa uMnuz Michael Chikura waseZimbab­we watholakal­a elenga kuyo ngeSonto, okusolwa ukuthi ubenonkhwa­ntalala emuva kokuthunjw­a ngoNcibija­ne
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa