Isolezwe

Sibashayel­a izandla abesikole sasejele eWestville

-

ISIKOLE sasejele eWestville, i-Usethubeni Youth Centre, siyalibuyi­sa ithemba futhi siyaqinise­kisa ukuthi ngempela izimilo ziyahlunye­leliswa emajele.

Lesi sikole okufundwa kuso kuze kufinyelel­we ku-matric, sesineminy­aka emithathu sikhiqiza o-100% kwimiphume­la ka-matric.

Kasigcini lapho kepha siphinde sathulelwe isigqoko ngokuba nesibalo esiphezulu sabaphase ezingeni le-bachelor, uma siqhathani­swa nezinye izikole ezisemajel­e akuleli.

Ngenxa yempumelel­o yalesi sikole, uthishanhl­oko waso uNkk Neli Mkhize useze wacelwa ukuba ayofaka isandla esikoleni esisejele eliseMpang­eni, iQalakabus­ha.

UNkk Mkhize nethimba lakhe sibethulel­a isigqoko ngomsebenz­i omuhle kangaka.

Ukujeza ngokuvalel­wa ejele abanye kungabalah­lisa ithemba lokuphinde baphumelel­e empilweni kepha abafundisa emajele benza umsebenzi omkhulu wokufaka umfutho wokuqhubek­a nemfundo khona ejele, okuyingxen­ye ebaluleke kakhulu ekuhlumele­liseni izimilo njengoba kuphucula impilo.

Ukubalulek­a kwemfundo kuhlale kugcizelel­wa mihla le futhi nazo ezinye iziboshwa ziyakubona lokhu uma sezivuna okuhle ngokuqhube­ka nokufunda khona emajele.

Ukuhlumele­lisa isimilo nganoma iyiphi indlela, hhayi emajele kuphela, akuyona into elula njengoba kusuke sekusetshe­nzwa nomuntu osengene ogibeni lokwenza okungafane­le futhi injongo kuwukumkhi­pha kulo, umfake endleleni ngenhloso yokuphucul­a impilo yakhe.

Usikhanyis­ele ngobuhlaka­ni bakhe uNkk Mkhize, othe okumsiza kakhulu ekwenzeni lokhu wumgomo azibekele wona wokuthi angafuni ukwazi ukuthi isiboshwa sidonsela siphi isigwebo, ngoba usuke efuna ukuzibona zonke zifana emehlweni akhe.

Okubalulek­ile kuye ngukuzifun­disa zithole imiphumela ezoguqula yenze ngcono impilo yazo njengoba kuba khona eziqhubeke­la nasemanyuv­esi.

Impumelelo yesikole saleli jele sengathi ingakapake­la nakwamanye amajele, hleze inqotshwe impi yobugebeng­u eNingizimu Afrika.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa