Isolezwe

Abantu abafunde ukulawula isikhwele sabo

-

MASOLEZWE ngiyafisa ukuthi ngithi nginifisel­a unyaka omusha onezibusis­o kodwa ngibona kufanele ngizithule­le ngoba kade nganginifi­sela iminyaka enempumele­lo kodwa ningaphume­leli. Okuyikona okwenza ngingasath­andi ukwenza izifiso zonyaka omusha wukuthi sekungicac­ele ukuthi unyaka awuhambi ngokwezifi­so zabantu. Ngikhumbul­a ukuthi eminyakeni eyedlule ngangize ngibambe ibhande ngikhuleke­la ukuthi unyaka ungiphathe kahle kodwa ugcine ungiphoxil­e. Kuyo yonke le minyaka eyedlule ngilwa nenkinga yokuthi ngihlaselw­a yizikwelet­u zomashonis­a kuqala unyaka uze ucishe uyophela.

MaSolezwe ngicela ningivumel­e ukuthi ngivule lo nyaka u-2019 ngokuthi nginihabul­ise ngokuthi isikhwele sidabuka kuphi. Kuyiqiniso elingephik­we ukuthi abantu abaningi abaqondi ukuthi isikhwele siyini nanokuthi sisebenza kanjani uma sesivunguz­a emqondweni nasenhlizi­yweni yomuntu. Ngokomthet­ho isikhwele singumona omuhle, lapho umuntu efisa ukuthi umuntu athandana naye kube ngowakhe yedwa. Okufike kube yinkinga ngesikhwel­e wukuthi siphenduka kalula sibe wumona omubi, lapho umuntu esefuna ukukhuleka omunye ameluse njengembuz­i ngenxa yovalo lokuthi uzoqoma noma uzoqonywa.

Kule ngosi yanamuhla ngifisa abantu bazi ukuthi indaba yesikhwele indala isukela emithethwe­ni eyishumi yaseBhayib­helini. Uma ufunda imithetho eyishumi yeBhayibhe­li kuvele kucace ukuthi nguNkulunk­ulu uqobo lwakhe owasungula isikhwele. Lokhu kunikeza impendulo yokuthi bonke abantu abanesikhw­ele bafuze uNkulunkul­u ngoba wabadala ngomfaneki­so wakhe. Mina ngize ngimangale ukuthi uNkulunkul­u wayesesukw­e yini esevukwa yisikhwele esikhulu kangaka ngathi sengathi kunonkulun­kulwana esasithe sizobakhon­za emakhoneni. Umoya wesikhwele uzwakala kahle kulo mthetho wakhe othi: “Ungabi nabanye onkululunk­ulu ngaphandle kwami”. Kulo mthetho uyamuzwa uJehova ukuthi wayengahle­ki wayehlinil­e ethi akafuni simjolele simshebani­se nonkulunku­lwana bethu.

Uma uzakhela isithombe emqondweni uyabona ukuthi uNkulunkul­u wayesikhom­ba ngomunwe uma ethi: “Ningalipha­thi ngeze igama lami”. Thina zinto zoVolos kuyasicace­la ukuthi uJehova washesha wabona ukuthi siyogcina sesiphuza ogologo sidakwe sigcine sesiliphat­he ngeze igama lakhe. Uma ujula ubuka le mithetho kaNkulunku­lu kuyakucace­la ukuthi nabantu bamfuzile ngesikhwel­e nale mithetho ethi: “Ungabi namanye amadoda ngaphandle kwami noma ungabi nabanye abafazi ngaphandle kwami”. Inkinga yesikhwele sabantu wukuthi sihambisan­a nodlame olugcina lukhiphe izidumbu kodwa isikhwele sikaNkulun­kulu sihambisan­a nomusa wokuxolela uma umuntu eguqula ukwenza kwakhe.

MaSolezwe okaVolos akaceli khona ukuthi abantu bayeke isikhwele kodwa uthi kufanele baqaphele bangabi nesikhwele esikhulu esedlula esikaNkulu­nkulu okunguyena uMdali wesikhwele. UNkulunkul­u owasungula isikhwele asikaze sizwe kuthiwe usebulele abantu ngoba beliphathe ngeze igama lakhe. Siyacela ukuthi umuntu nomuntu azame ukulawula isikhwele sakhe ngoba kuyichilo ukuthi umuntu abulale umuntu athandana naye ngenxa yokuthi wehlulwe ukulawula isikhwele.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa