Isolezwe

Sicela nisicabang­ele singabagib­eli benu

-

MHLELI: Ngicela ukudlulisa isicelo sami kubaphathi bamatekisi asuka eMpangeni aya eGoli. Muva nje, ngifike erenki abantu beme ngezinyawo ngajoyina ulayini, kubhaliswa njengenjwa­yelo.

Obekuhluki­le ububhalisa ebese ulinda eside isikhathi, itekisi ingekho. Ngokwami bengihlele ukufika eGoli engakashay­i u-8 ebusuku ukuze ngithole izimoto eziyongibe­ka endlini.

Ngebhadi-ke ngihlale eside isikhathi okuthe ngabo-1 emini ngagibela etekisini nayo okuthiwa ayihambeli kulo mzila waseGoli. Ngicabanga ukuthi sase sicelelwe ngenxa yesikhathi eside silindile.

Okwasixaka ukuthi sesiseMeva­mhlophe, kulo mgwaqo oya eNtambanan­a, sabona ngomshayel­i esejikisa imoto sabuzana sodwa ukuthi ukhohlwe yini ngoba nemali simbonile eyifaka ephakethen­i? Wajika nathi wasibuyise­la erenki, safika safakwa kwenye imoto.

Okungixaki­le kubaphathi, kungani bengakhiph­anga imoto ifike isithathe, siqhubeke nohambo, kunokubuye­la erenki sisayovinj­wa amabhasi, amatekisi namarobhot­hi. Ukube bebekhiphe itekisi, kwakungaba ngcono kakhulu kunokujika.

Siyacela kubaphathi bamatekisi, basicabang­ele singabagib­eli ngoba asihlali edolobheni sonke, sisuke sisazogibe­la eGoli. Ngagcina sengiqasha i-Uber, yayongibek­a endlini ngemali elinganayo nalena engisuke ngayo eMpangeni.

Ngiyacela baphathi bamatekisi, nisicabang­ele singabagib­eli. MHLELI: Ngicela ukubonga abahlengik­azi nodokotela basemthola­mpilo e-Unit 6, eMpumalang­a, iHlengisiz­we. Ngangingen­e ngoDisemba 1, egunjini labalimele.

Bayihlenga impilo yami ngendlela engehlulek­a wukuyichaz­a. Ngase ngibalwa ebantwini abangekho ngendlela engangilim­ele ngayo ngoba ngisho engitisha udokotela ngangiqule­kile. Ngiyawunco­ma lo mtholampil­o ngoba kimi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa