Lizulelwa ngamanqe irekhodi likaNdongeni lokungahlulwa

Isolezwe - - EZEMIDLALO - ZAKHELE XABA

ENGLISH PREMIER LEAGUE Kusasa West Ham United v Arsenal (London Stadium, 2.30pm), Crystal Palace v Watford (Selhurst Park, 5pm), Cardiff City v Huddersfield Town (Cardiff City Stadium, 5pm), Burnley v Fulham (Turf Moor, 5pm), Leicester City v Southampton (King Power Stadium, 5pm), Brighton &Hove Albion v Liverpool (The American Express Stadium, 5pm), Chelsea v Newcastle United (Stamford Bridge, 7.30pm). NgeSonto Everton v AFC Bournemouth (Goodison Park, 4.15pm), Tottenham Hotspur v Manchester United (Tottenham Hotspur Stadium, 6.30pm). NgoMsombuluko Manchester City v Wolverhampton Wanderers (Etihad Stadium, 10pm)

UMLAZI LOCAL FOOTBALL ASSOCIATION Namhlanje Kwa-AA Ireland FC v Sizwakele FC (Under 13, 3pm), Premier Utd v Europa FC (Under 13, 3.45pm), Ireland FC v Toronto FC (Under 15, 4.30pm) NgoMgqibelo Kwa-AA Royal Sporting v Young Pirates (Under 13, 9am), Successors FC v Punishers FC (Under 13, 9.45am), Young Pirates FC v All Stars (Under 15, 10.30am), Royal Sporting v Benfica FC (Under 13, 11.15pm), ZB Burning Fire v Crusaders FC (Under 15, 12pm), Royal Sporting v Punishers FC (Under 13, 12.45pm), All Stars FC v Crusaders FC (Under 15, 1.30pm), Royal Sporting v Punishers FC (Under 15, 2.15pm), Crusaders FC v Hunters FC (Under 15, 3pm). Kwa-F Ireland FC v Europa FC (Under 13, 9am), Power Express v No Noise FC (Under 15, 9.45am), Ireland FC v Sesikhona FC (Under 13, 10.30am), Strikers Utd v Black Buffalos (Under 15, 11.15am), Power Express v Young Stars FC (Under 15, 12.45pm), Power Express v Black Buffalos (Under 15, 1.30pm).

GREATER CATO RIDGE LOCAL FOOTBALL ASSOCIATION NgoMgqibelo Manzolwandle Isulabasha v Classic (9am), Com Academy v Eagypt (11am), Final 3pm. NgeSonto ESomandla Zakhele Utd v Amazayoni (1pm), Joyous v Squash (3pm). ISAZISO Kucelwa amakilabhu ukuba alethe izimfanelo zokwenza amakhadi ehhovisi engakehluli uJanuwari 24. LIZULELWA amanqe irekhodi lokungehlulwa lomshayisibhakela waseNingizimu Afrika, uXolisani “Nomeva” Ndongeni, ongase athwale ubunzima kuDevin Haney wase-USA.

UNdongeni, ongakaze ahlulwe ezimpini eziwu-25, uzoxhimfana noHaney ongayazi induku ezimpini eziwu-20 kusukela asiqala isibhakela. Le mpi yemizuliswano ewu-10 izoba seStageWorks, Shreveport, e-USA namuhla.

UNdongeni ongumpetha we-World Boxing Federation (WBF) Lightweight bekubhekwe lukhulu kuyena eminyakeni edlule eqeda ngabashayisibhakela abahlonishwayo eMzansi okukhona kubona ingqwele uMzonke “The Rose of Khayelitsha” Fana kodwa akakafinyeleli kulelo zinga. Akubuzwa ukuthi uzothola isivivinyo esinzima kuHaney onconywa nxa zonke ngokudlondlobala kwakhe esibhakeleni ngokusheshayo.

Kubatshazwa nerekhodi lakhe elihle esigabeni sama-amesha. UHaney ukleliswe endaweni ka-12 yiWorld Boxing Council (WBC). Usendaweni yesishiyagalombili ezilinganisweni zeWorld Boxing Association (WBA).

I-International Boxing Federation (IBF) imklelise endaweni ka-10. Udumo lukaHaney e-USA seluholele ekutheni iningi limbize ngoFloyd Mayweather olandelayo. UHaney ubejima noNdongeni ejimini kaMayweather nyakenye. Lokhu kusho ukuthi bazana ukusuka nokuhlala.

“Le mpi ibalulekile kimina. Izongivulela amasango. Akukho engikucabangayo ngaphandle kokubuya nerekhodi lami lingangcolile,” kusho uNdongeni.

UNdongeni ugcine ukungena eringini ngo-Agasti nyakenye evikela ngempumelelo ibhande le-WBF ehlula uSalimu Jengo waseTanzania empini ebikade iseYMCA, eSoweto.

UHaney uphethe ibhande leInternational Boxing Federation (IBF) North American Lightweight aliwine ngoSepthemba nyakenye.

UHaney ucashunwe ethi: “Ngiyawazi amabhokisa aseAfrika, azela ukuzolwa. UXolisani Ndongeni akehlukile. Unamava futhi akakahlulwa. UNdongeni uselwe izimpi zemizuliswano ewu12 eziningi. Yilezi zimpi okufanele ngiziwine ngendlela egculisayo. Lokho kuzongisondeza empini yesicoco somhlaba.”

XOLISANI NDONGENI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.