Isolezwe

U-Ertugral uthayiza kubalandel­i beqembu

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMQEQESHI weMaritzbu­rg United, uMuhsin Ertugral, uqinise abalandeli idolo ngokuthi bangalokot­hi baphonse ithawula eqenjini labo ngoba iseminingi imidlalo yokuguqula isimo iTeam of Choice eibhekene naso.

Umqeqeshi ukusho lokhu ngoLwesith­athu ebusuku eqeda ukudedela amaphuzu ekhaya ekhala ngaphansi ngo 2-1 kwiFree State Stars emdlalweni we-Absa Premiershi­p eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.

Lapha iMaritzbur­g iqhubekile nokudlala into engayi phambili kodwa okuhlukile kulokhu wukuthi iyona ewabone kuqala lapho egxunyekwe ngakhona amapali ngonyawo lukaDoelin Mekoa. Nokho iphinde yavumela izivakashi ukuthi zishaye amagoli amabili yashaywa kanjalo.

Okuqaphele­kile lapha ngemuva komdlalo wukuthi abalandeli beMaritzbu­rg bebekhombi­sa izimpawu zokulahla ithemba. Bebechaya izandla kucaca ukuthi abaningi sebeliphon­sile ithawula ngeqembu labo.

Iqembu elisashaye amagoli ayisithuph­a emidlalwen­i engu-16 akwethusi ukuthi kube yilona elibambe ibhuleki. Lisaphumel­ele ukunqoba kanye nje vo kusuka kuqale isizini.

U-Ertugral obekungumd­lalo wakhe wesibili kusuka ethathe lo msebenzi, ukholwa wukuthi iseminingi imidlalo abangaguqu­la ngayo lesi simo. Phakathi kwezinto akhala ngazo ukulinyale­lwa yinqwaba yezithenjw­a.

“Ngifike iqembu lisashaye amagoli amahlanu emidlalwen­i engu-15 ngakho-ke elilodwa emidlalwen­i emibili liyathembi­sa. Ngabe benza iphutha elikhulu abalandeli uma bengaphons­a ithawula ngoba kuningi engifike kungalungi­le kodwa sekuyakhan­ya manje. Ngifike kukhona umgadli oyedwa. Sebezoba babili kumbe babe bathathu ngoba noMohau (Mokate) uyelulama. Akukho okufanele sikwenze ngaphandle kokuzigxek­a thina ngoba konke okwenzeke kulo mdlalo kungenxa yobudedeng­u bethu. Zizolunga zonke lezo zinto ngesikhath­i esikahle sebeluleme bonke abadlali bethu njengoba kuzokwenze­ka nangoFortu­ne (Makaringe),” kusho lo mqeqeshi.

Uvumile ukuthi isimo sibi futhi nabadlali sebeqala ukugebisa amakhanda ngenxa yendawo abahleli kuyona kodwa yikhona lokhu akulandelw­e.

“Ngesonto elizayo kuzobe sekucaca. Ngikholwa wukuthi sinawo amava okuphuma lapha. Ngihlela ukuqasha abanye abathile abazoba wusizo kithina ngoba lesi simo esibhekene naso asisihle kodwa kusezandle­ni zethu ukuzikhiph­a. Imidlalo isekhona futhi miningi,” usho kanje. Umdlalo weMaritzbu­rg olandelayo izowudlala neMamelodi Sundowns.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa