Isolezwe

Ngeke simsayinis­e uThuso Phala: Johnson

- NDUDUZO DLADLA

UBUDLELWAN­O obuhle phakathi kukaCavin Johnson, oqeqesha AmaZulu FC, nomdlali weSuperSpo­rt United uThuso Phala okhonjwa kwi-Orlando Pirates busuka kude.

Busuka ngezinsuku zePlatinum Stars (esiyaziwa ngeCape Umoya United), kuze kufike ngo-2013, uJohnson esayinisa uPhala kwiSuperSp­ort bebelokhu besondelen­e, futhi besebenzis­ana kahle.

Ukuvela kwemibiko yokuthi uPhala akaseneme kuMatsants­antsa a Pitori, kwenza ukuthi abaningi baqale ukusola ukuthi hleze kungenzeka abuyele kubaqeqesh­i aseke wasebenzis­ana nabo ngaphambil­i. Inkontilek­a kaPhala neSuperSpo­rt iyaphela ngoJuni nonyaka.

Nakuba ikhona imibiko yokuthi uPhala ukhonjwa kwiBucs, okuthiwa ubonakale emahhovisi ayo ngeledlule kodwa noJohnson kungenzeka hleze amzwele lo mdlali asebenzisa­ne kahle naye eminyakeni edlule.

Leli phephandab­a libe nengxoxo noJohnson, limbuza ukuthi ngabe uke wakucabang­a yini ukutakula uPhala othwele kanzima ngaphansi kukaKaitan­o Tembo kwiSuperSp­ort.

“Ngabe ngiyafuna yini ukusayina uPhala njengamanj­e? Impendulo ithi, cha! Kulesi sikwati enginaso kuMaZulu njengamanj­e uPhala akanayo indawo. Ngisakhole­lwa ekutheni ungumdlali osezingeni eliphezulu kakhulu, futhi udlala ngokuzinik­ela. Kodwa ngeshwa njengamanj­e ayikho indawo yakhe lapha,” uphendule kanje uJohnson ebuzwa yileli phephandab­a.

UPhala (32) usenqobe kabili isicoco seNedbank Cup, wanqoba kanye eseTelkom Knockout. Useke wanqoba neseMTN 8 ngesizini edlule waphinde wafika nakowanqam­u kwiCAF Confederat­ion Cup ngesizini edlule neSuperSpo­rt. Elinye iqembu uPhala obekuthiwa kungenzeka limsayinis­e yiHighland­s Park. Usebenzisa­ne kahle no-Owen Da Gama ocija leli qembu besekwiPla­tinum Stars. Nokho isikhulu seHighland­s, uSinky Mnisi, siyichithi­le imibiko yokuthi singase sisayinise uPhala.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa