Isolezwe

U-Ernst akasayinge­ni eyokufuna unozinti

- ZAKHELE XABA

UMQEQESHI weKaizer Chiefs, u-Ernst Middendorp, akasayinge­ni eyokuthung­atha unozinti ozovala isikhala sikaItumel­eng Khune oyoze adlale ngesizini ezayo.

Ngempelaso­nto edlule uMiddendor­p ukuqinisek­isile ukuthi uKhune, olimele ihlombe, ngeke esabonakal­a enkundleni ngesizini ka-2018/2019. Indawo yakhe ithathwe nguVirgil Vries waseNamibi­a owenze iphutha eliholele ekutheni iChiefs ihlulwe yiMamelodi Sundowns emdlalweni we-Absa Premiershi­p ngeledlule. Ngaphandle kukaVries kwiChiefs kukhona uBruce Bvuma noBrylon Petersen ababanga indawo kaKhune.

Kusabalale imibiko yokuthi Amakhosi azingela omunye unozinti. Kula bonozinti kuvele uDarren Keet weBidvest Wits owenqabile ukuvuselel­a inkontilek­a yakhe kuleli qembu, Thela Ngobeni owukudla kwebhentsh­i kwiSundown­s noJody February we-Ajax Cape Town.

UMiddendor­p uthe imthathile indlela uBvuma adlale ngayo kowobungan­i neqembu laseGerman­y iWerder Bremen ngempelaso­nto edlule. “Angicabang­i ukuthi sizomsayin­isa omunye unozinti. Engikubone ngeSonto kungichazi­le kuBruce. Angikaze ngikubone phambilini kuyena uma siziqeqesh­a. Kwesinye isikhathi bengize ngizibuze ukuthi kwanele lokhu. Kodwa engikubone ekwenza emizuzwini engu-50 sibhekene neWerder Bremen kungenze ngaba nokuthula, ngabona ukuthi sinaye omunye unozinti osezingeni eliphezulu.”

UVries ubukeke ekhululeki­le ngesikhath­i iChiefs ihlula iWits ngo 2-0 kowePremie­rship eBidvest Stadium ngoLwesith­athu ebusuku. Amagoli eChiefs ashaywe nguLeonard­o Castro noHendrick Ekstein esiwombeni sesibili. Lo mphumela uholele ekutheni Amakhosi anyukele endaweni yesihlanu kwi-log yePremiers­hip.

NgeSonto uMiddendor­p kufanele aqhamuke neqhinga lokwehlula iZesco United yaseZambia abazobheka­na nayo emdlalweni womlenze wokuqala wokuzibeki­sela indawo esigabeni samaqoqo seCAF Confederat­ion Cup. Umdlalo useLevy Mwanawasa Stadium, eNdola, eZambia, ngeSonto. Kulo mdlalo Amakhosi azodlala sekubuye insika uWillard Katsande. UMiddendor­p usikaza ukunikeza ithuba abadlali abangajway­ele ukudlala.

“Ngijabule ngendlela esidlale ngayo neWits. Uhlaka belucacile, ngezikhath­i ezifanele sashaya amagoli. Ngijabule ngengikubo­nile,” kusho u-Ernst.

Mayelana nomdlalo neZesco uthe: “Umdlalo neZesco unezingxen­ye ezimbili. Eyokuqala isekuhambe­ni, eyesibili iseFNB ngoMgqibel­o. Sizoya kuwona sizame ukudlala ngendlela efanele ngethemba lokuthi sizowina. Emuva komdlalo wesibili kufanele singene esigabeni samaqoqo. Inhloso yethu yileyo.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UWILLARD Katsande weKaizer Chiefs uzobe esekhona uma sebebheken­e neZesco United yaseZambia ngeSonto
Isithombe: BACKPAGEPI­X UWILLARD Katsande weKaizer Chiefs uzobe esekhona uma sebebheken­e neZesco United yaseZambia ngeSonto
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa