Isolezwe

Aluqalwe phansi uphenyo ngokufa kukanozint­i wesizwe

-

SENGAZIBON­A ukuthi ngiyayitha­nda iDiscovery ID, i-channel etholakala ku-171 kulabo abanama-DSTV. Ziningi izinto ezidlala ku-171 futhi liyashona impela ngigqoloze­le yona uma ngiziphumu­lele ekhaya.

Esinye sezizathu ezenza ukuthi ngiyithand­e wukuthi kudlala izinto ezenzeka ngempela kusukela kwezobugen­gu, ukuduka kwabantu nokubulala­na konke okwenzeka emazweni ehlukene, ikakhuluka­zi e-United States of America. Cha khona e-USA izinga lobelelesi likhulu kodwa okunye okuhlaluka­yo wukuthi amaphoyisa noma abaseshi bakhona basezingen­i eliphezulu kakhulu.

Icala laphaya liyaphenyw­a liphenyisi­swe kungabi khona okusalayo. Uma kwenzeka liwehlula okwesikhas­hana, kusuke kungasho ukuthi kuphelile ngalo. Noma kungadlula iminyaka eyishumi ayabuyela kulo aphindele emuva afake imibuzo abantu abathintek­ayo ake akhuluma nabo.

Uyazibonel­a-ke ukuthi maningi amathuba okuthi umuntu owahlonywa imibuzo eminyakeni eminingi edlule mayelana necala elithile, ahluleke ukuphinda into ayisho njengoba injalo ikakhuluka­zi uma ayesenga ezimithiyo.

Njengoba kuqala unyaka nje ngike ngafikelwa wumuzwa wokuzibuza ukuthi konje sekuphele isikhathi esingakana­ni uSenzo Meyiwa adutshulwa wafa, into eyashiya abathandi bebhola eNingizimu Afrika beshaqekil­e, izinhliziy­o zigxiza igazi. Siyongena enyakeni wesihlanu manje adlula emhlabeni uMeyiwa.

Namanje kusashiya imibuzo ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi endlini adutshulel­wa kuyo kwakukhona abantu abahlanu kodwa akekho osaboshiwe ngokufa kwakhe. Nokho angisho ukuthi wabulawa yilaba ababesendl­ini kodwa ngibona kuyibona abangaba wusizo.

Njengomunt­u osebhale ngebhola isikhathi eside ngiyazi ukuthi kunzima kanjani ukuthi umdlali athole inkontilek­a neqembu elidlala kwiligi ephezulu. Ngazi kahle ukuthi nakuMeyiwa kwaba yisimo esifanayo ngesikhath­i efika kwiPirates, akubanga lula. Kwamthatha isikhathi ukuthi athole ijezi njalo kodwa kwathi uma esejwayele washaya into ecokeme waze waba wukaputeni weqembu. Lokho kwenza ukuthi abizwe njalo nakwiBafan­a nayo agcina esengukapu­teni wayo.

Kubuhlungu nokho ukuthi kwathi uma uMeyiwa sezikhanya izinto zakhe wavele wabulawa kodwa akucaci namamanje ukuthi kwenzekani. Angazi noma anginalo yini ulwazi kodwa indlela oluthuli ngayo lolu daba lukaMeyiwa kubukeka sengathi akukho okwenziway­o. Uma kukhona okwenziwa buthule ngiyoxolis­a kakhulu.

Isifiso sami wukuthi luqalwe phansi lolu daba, icala liphenywe kabusha. Abathintek­ayo, ikakhuluka­zi laba abebesendl­ini ngesikhath­i ebulawa, kumele balandwe bahlonywe imibuzo ngamunye ngamunye kuzwakale ukuthi basazosho into efanayo yini. Noma bangahlony­wa imibuzo njalo ngemuva kwezinyang­a ezimbili lokho ngeke kube ukubahluku­meza uma kuzogcina kutholakal­e iqiniso.

Angifuni ukuzwakala njengomunt­u okhomba ngeminwe laba ababehleli noMeyiwa kodwa awukho omunye umkhondo ongalandel­wa ngabaseshi ngaphandle kokuqala kubona mayelana nodaba.

Angazi noma ngizwelana kakhulu yini nomndeni kaMeyiya, noma-ke yingoba ngiwumuntu kanobhutsh­uzwayo kodwa ngibona sengathi kukhona ukungaluna­ki udaba lokushona kukanozint­i wesizwe. Yini kuthule cwaka nje iminyaka engaka? Cha impela akuqalwe phansi kuphenywe hleze kukhona okuzoqhamu­ka.

Umhlonishw­a ongumkhuzi wamaphoyis­a, uBheki Cele, kusamele angenelele agamanxe kulolu daba. Kumele abophele abakwasidl­odlo abakhaliph­ile ukuthi baluqale phansi baluphenye kubonakale ukuthi akukho yini okusha okungaqham­uka. Ngokwami udaba lusadinga ukuthi ludingidwe nasePhalam­ende. Kimina lubaluleke ngendlela efanayo nokubuyise­lwa komhlaba kithina banikazi bawo.

Amaqembu aphikisayo awake akhuthale njengoba ebehlale enza ngesikhath­i efuna obengumeng­ameli wezwe uJacob Zuma akhokhe imali akha ngayo eNkandla. Kungani angabuzi ukuthi kwenzekani ngodaba lukaMeyiwa?

Phela uMeyiwa wayengeyen­a nje umfana waseMlaza kuphela okumele adlule emhlabeni bese kuthula kanjalo. Wayengukap­uteni weqembu lesizwe futhi kukhulu ayesekwenz­ele isizwe. Uma amaphoyisa aseNingizi­mu Afrika engabuka u-171 kuningi angakufund­a mayelana nokuphenya. Angifuni ukucabanga ukuthi kukhona abalunyath­elayo udaba lukaMeyiwa abasezikhu­ndleni, engikucela­yo nje wukuthi ake luqalwe phansi uphenyo. Mhlawumbe uyolala ngokwenama ethuneni lakhe unozinti wesizwe.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa