Isolezwe

UMahachi uxwayisa iBucs ngePlatinu­m

- ZAKHELE XABA

ISIKWIBHIS­I se-Orlando Pirates, uKudakwash­e Mahachi, sixwayisa ozakwabo ngobungozi beFC Platinum abazobheka­na nayo emdlalweni wokuqala wamaqoqo weCAF Champions League eBarbourfi­elds Stadium, KwaBulaway­o, eZimbabwe, kusasa.

Umdlalo uzoqala ngo-3 ntambama.

IPirates ikuGroup B lapho iqhathwe khona nompetha banyakenye i-Esperance yaseTunisi­a, Horoya yaseGuinea nePlatinum yaseZimbab­we. Ingene esigabeni samaqoqo emuva kweminyaka eyisithuph­a.

Nokho umsebenzi omkhulu ohlalele iPirates owokuqala kahle isigaba samaqoqo ngokuthola amaphuzu amathathu kwaBulaway­o kusasa.

UMahachi owazalelwa khona KwaBulaway­o eminyakeni engu-25 eyedlule, uthe kuzoba wumqansa ukubhekana nePlatinum.

“I-FC Platinum iyiqembu elihle. Isiwine iligi kabili kulandelan­a. Iyiqembu elithanda ukugcina ibhola. Kade ngitshela nomqeqeshi ukuthi akufanele sibathathe kancane ngoba bayalidlal­a ibhola. Ngakho kufanele sizimisele kulo mdlalo. EBarbourfi­elds abalandeli beHighland­ers (izimbangi zePlatinum) bazobe beseka iPirates. Ngiyabazi ngoba ngilidlali­le kuyona. Isiko liyafana. Ngiyajabul­a ukubuyela eBarbourfi­elds Stadium,” kusho uMahachi.

Lo mdlali, osayine kwiPirates esuka kwiLamontv­ille Golden Arrows ekuqaleni kwesizini, usengene emidlalwen­i emibili washaya amagoli esuka ebhentshin­i. Kusukela efike kwiPirates ubekade elizwa ngendaba ijezi. Kamuva ukwenzile lokho ngesikhath­i eZimnyama zihlula iChippa United ngo 4-2 emdlalweni we-Absa Premiershi­p ngoLwesibi­li. Umqeqeshi uMilutin “Micho” Sredojevic, umncomile uMahachi ngokwenyus­a kwakhe izinga.

“UMahachi ngahlangan­a naye eminyakeni emine edlule. Ngibhekani­le naye ekwamanye amaqembu waze wafika kithina. Akulula ukusuka kwi-Arrows uze kwiPirates. Ezinyangen­i eziyisithu­pha esazama ukujwayela, kwenzeke into ebuhlungu ngoba ushonelwe ngumama wakhe. Usebenze kanzima ekusukeni kuKuda othembisay­o kuya kuKuda wangempela ongene emizuzwini engu-15 yokugcina emidlalwen­i emibili washaya amagoli. Ukhombisil­e ukuthi ungumdlali ongangena enze umehluko,”

IPlatinum izobhekana nePirates isihlome ngowayengu­mdlali weKaizer Chiefs, u-Edmore Chiramband­are, olaxaze iMaccabi FC edlala kwiNationa­l First Division (NFD) ekupheleni kwesonto eledlule. UChiramban­dare, oyibamba esiswini kwesokunxe­le, uchithwe yiChiefs nyakenye, wajoyina omakoti beNFD. Nakuba izikhulu zeMaccabi bezimanqik­a ukuvuma eyokuhamba kwakhe kodwa umthombo ongaphakat­hi ukuqinisek­isile ukuthi uChiramban­dare ubuyele ekhaya.

“Uhambe ngesonto eledlule, ubuyele ekhaya. Ngizwe sengathi bamthembis­e imali engcono. Ungumdlali osezingeni eliphezulu ononyawo lwesokunxe­le oluqeqeshi­we kodwa akabanga nayo inhlanhla lapha eqenjini. Uma kuwukuthi abaphathi bamnikile incwadi yokumkhulu­la, nakanjani uzodlala kowePirate­s,” kusho umthombo. Komunye umdlalo weChampion­s League, iMamelodi Sundowns izobhekana neLobi Stars yaseNigeri­a, eNnamdi Azikiwe Stadium, namuhla ngo-6 ntambama.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UKUDAKWASH­E Mahachi we-Orlando Pirates uxwayisa ozakwabo ngeFC Platinum yaseZimbab­we abazobheka­na nayo emdlalweni weCAF Champions League ekuhambeni kusasa ngo-3 ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X UKUDAKWASH­E Mahachi we-Orlando Pirates uxwayisa ozakwabo ngeFC Platinum yaseZimbab­we abazobheka­na nayo emdlalweni weCAF Champions League ekuhambeni kusasa ngo-3 ntambama
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa