Isolezwe

Inamandla onyazi iJeep Cherokee Trackhawk entsha

-

ISIGCINE ithelekile eNingizimu Afrika ingqovungq­ovu yeSport Utility Vehicle (SUV) iJeep Grand Cherokee Trackhawk egabe ngamandla esambane.

Le moto inenjini engu-6.2 litre V8 efuqa amandla onyazi angu520 kW netorque engu875 Nm. Idonsa ngamagiya ayisishiya­galombili azishintsh­ayo.

Ngendlela enamandla onyazi ngayo kuthiwa kuyithatha imizuzwana engu3.5 ukufika ejubaneni lika96km/h kanti ijubane layo elikhulu ngu-288km/h.

Ngalesi sikhathi isuke isikhipha umsindo ondondayo ezinqaweni ngemuva.

Njengoba inejubane elinjena nje, ngakwezoku­phepha iphuma namaBrembo brakes abamba thaqa futhi ine-antilock braking, electronic stability control ne-traction system. Le Jeep Grand Cherokee Trackhawk bese kunesikhat­hi kwaqinisek­iswa ukuthi izotheleka kuleli njengoba ifika manje nje.

Ifika nje, sekuqalile ukukhuluma kwabanye ngokuthi yiyiphi engcono kunayo futhi abanye balibeka ngesihloko ukuthi “yimoto endala”.

Bathi idonsa ngamasondo amane ngobuchwep­heshe ababubiza ngeJeep QuadraTrac on-demand four-wheeldrive system. Ine-launch control eyenza isukise okwenhlamv­u.

IneSelec-Track system okwazi ukukhetha ngayo indlela ofuna ihambe ngayo okungu-Auto, Sport, Track, Snow noTow.

Le moto bathi ingakwazi ukudonsa inqola enesisindo esingu-3 ton.

Ngaphandle ikhanyisa ngamabi-xenon headlamps. Ayinawo ama-fog lamps,

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa