Sehlile isibalo sokuthengwa kwezimoto ngo-2018
UVALWE kabi u-2018 kwezezimoto kwehla isibalo sokuthengwa kwazo ngoDisemba. NgokweNaamsa, kuthengwe izizmoto eziwu-39 984, nokuyisibalo esehle ngo-1.9% (767) uma kuqhaniswa no-40 751 owadayiswa ngoDisemba ngo-2017.
Isibalo sezithunyelwa ngaphandle sona senyuke ngamalengiso ngo56.3% (11 330). Ngonyaka odlule zibe wu-31 437 izimoto eziphumile kanti ngoDisemba 2017 zaziwu-20 107.
Ezimotweni eziwu-39 984 ezidayisiwe, ezilinganiselwa ku-85% (34 012) zidayise emagalaji, ezilinganiselwa ku-9.3% zithengwe yizinkampani eziqashisa ngezimoto, u-3.2% waya kuhulumeni kwathi u-2.5% kwaba ngowezinkampani.
Uma kubhekwa unyaka wonke, zibe wu-552 190 izimoto ezithengiwe. Lokhu kusho ukwehla ngo-1% uma kuqhathaniswa no-557 703 wezadayiswa ngo-2017. Ngo-2017 isibalo sasinyuke ngo-1.9%.
INaamsa ithe lokhu bekubangelwa wukumpintsheka kwabathengi kwezezimali. Ithe ukunyuka kwenzalo yemalimboleko ngo-0.25% ngoNovemba kube nomthelela.
Ithe ukuthengwa kwezimoto ezintsha nezingamaveni kwehle phezu kokuba imboni yezimoto eziqashisayo ifake isandla kakhulu.
Kusukela ngo-2014 ukuthengwa kwezimoto minyaka yonke kumi kanje: 2014 – 643 744, 2015 – 617 650, 2016 – 547 552, 2017 – 557 703 ngo-2018 – 552 190.
Ngo-2016 isibalo saqopha umlando sinyuka safinyelela ku-714 315.
Isibalo sezimoto ezithunyelwa ngaphandle minyaka yonke kusuka ngo-2015 simi kanje: 2015 – 33 847, 2016 – 344 820, 2017 – 338 096 ngo-2018 – 351 154.
INaamsa ithe kulo nyaka isibalo sezimoto ezithunyelwa ngaphandle kulindeleke ukuthi sinyuke sifinyelele ku-385 000.
Kwezidayiswa kuleli ithe ibheke ukuthi isibalo sinyuke ngo-1% sifike ku-558 000.
Ezinye zezimoto ezidayise kakhulu yilezi: Toyota Hilux – 2 907 VW Polo – 2 051 Ford Ragner – 1 931 VW Polo Vivo – 1 711 Nissan NP200 – 1 572 Renault Kwid 1 354 Toyota Quantum – 1 245 Hyundai Grand i10 – 906 Toyota Corolla/Auris/Quest – 858