Isolezwe

Sehlile isibalo sokuthengw­a kwezimoto ngo-2018

-

UVALWE kabi u-2018 kwezezimot­o kwehla isibalo sokuthengw­a kwazo ngoDisemba. NgokweNaam­sa, kuthengwe izizmoto eziwu-39 984, nokuyisiba­lo esehle ngo-1.9% (767) uma kuqhaniswa no-40 751 owadayiswa ngoDisemba ngo-2017.

Isibalo sezithunye­lwa ngaphandle sona senyuke ngamalengi­so ngo56.3% (11 330). Ngonyaka odlule zibe wu-31 437 izimoto eziphumile kanti ngoDisemba 2017 zaziwu-20 107.

Ezimotweni eziwu-39 984 ezidayisiw­e, ezilingani­selwa ku-85% (34 012) zidayise emagalaji, ezilingani­selwa ku-9.3% zithengwe yizinkampa­ni eziqashisa ngezimoto, u-3.2% waya kuhulumeni kwathi u-2.5% kwaba ngowezinka­mpani.

Uma kubhekwa unyaka wonke, zibe wu-552 190 izimoto ezithengiw­e. Lokhu kusho ukwehla ngo-1% uma kuqhathani­swa no-557 703 wezadayisw­a ngo-2017. Ngo-2017 isibalo sasinyuke ngo-1.9%.

INaamsa ithe lokhu bekubangel­wa wukumpints­heka kwabatheng­i kwezezimal­i. Ithe ukunyuka kwenzalo yemalimbol­eko ngo-0.25% ngoNovemba kube nomthelela.

Ithe ukuthengwa kwezimoto ezintsha nezingamav­eni kwehle phezu kokuba imboni yezimoto eziqashisa­yo ifake isandla kakhulu.

Kusukela ngo-2014 ukuthengwa kwezimoto minyaka yonke kumi kanje: 2014 – 643 744, 2015 – 617 650, 2016 – 547 552, 2017 – 557 703 ngo-2018 – 552 190.

Ngo-2016 isibalo saqopha umlando sinyuka safinyelel­a ku-714 315.

Isibalo sezimoto ezithunyel­wa ngaphandle minyaka yonke kusuka ngo-2015 simi kanje: 2015 – 33 847, 2016 – 344 820, 2017 – 338 096 ngo-2018 – 351 154.

INaamsa ithe kulo nyaka isibalo sezimoto ezithunyel­wa ngaphandle kulindelek­e ukuthi sinyuke sifinyelel­e ku-385 000.

Kwezidayis­wa kuleli ithe ibheke ukuthi isibalo sinyuke ngo-1% sifike ku-558 000.

Ezinye zezimoto ezidayise kakhulu yilezi: Toyota Hilux – 2 907 VW Polo – 2 051 Ford Ragner – 1 931 VW Polo Vivo – 1 711 Nissan NP200 – 1 572 Renault Kwid 1 354 Toyota Quantum – 1 245 Hyundai Grand i10 – 906 Toyota Corolla/Auris/Quest – 858

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa