Isolezwe

Iyintandok­azi kufanele iPolo 1.0 TSI Comfortlin­e

- FANELESIBO­NGE BENGU

ngizokhulu­leka. Isihlalo sishona phansi futhi uyasinyusa uma uthanda kanjalo ne-siteringi siyehla, sinyuke siphinde sisondele.

Izibuko emaceleni ngizihlela ngogesi. Nesaphakat­hi nendawo ngithi ngiyasihle­la ngiyaqaphe­la ukuthi siyazidime­la uma kukhona okuxhophay­o ngemuva kwazise bayigaxe neLights and Vision Package.

Ngaphandle kwesibuko sangemuva, iphinde yenze ukuthi amalambu azikhanyis­e uma sekuqala ukuhwalala futhi ama-wiper azishaye uma lina ngoba nezimvula zasehlobo zidlangile nje.

Hhayi-ke sengihleli ngikhulule­kile emotweni uma ngithi jeqe ngiyabona ukuthi ineComposi­tion Media, okiyilapho ngidlala khona umsakazo.

Okuhle wukuthi asilokhu sibangisan­a ngembobo yokushaja nengihamba naye ngoba izimbobo zama-USB zimbili.

Uma ngiqhuma i-iPhone yami ivele ithi bha kwi-screen nokwenza impilo ibe lula (Isithombe esingezans­i).

Uzokhumbul­a futhi ngenhla ngikubalul­ile ukuthi incanyana kodwa ivulekile.

Abagibeli abayisihla­nu bahleli ngokukhulu­leka kanjalo nempahla ebhuthini, elimumatha u-350 litres, ilayisheke kahle. Angithi sekuqala “ukuDisembe­ka”, silayishe wena coolerbox nezinye izimpahla.

Uma siqala uhambo lwethu, engihamba naye ufuna ukubambele­la phezulu, ngebhadi azikho izibambo.

Bengihlale ngingakuna­ki ukubalulek­a kwalezi zibambo ngoba isikhathi esiningi ngikhonze ukushayela futhi ezimotweni asijwayele ukuba khona ngasohlang­othini lomshayeli. Kodwa ukukhala kwabantu baze baba babili yilapho ngibone khona.

Iqhubeka ekhasini 5

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa