Isolezwe

Iwubukhosi bodwa uma ihamba edolobheni le Polo

-

Isuka ekhasini 4 SISAHAMBE ibanga elincane sima e-robhothini, iyazicisha imakwabo. Angithi yenzela ukuthi yonge uphethroli kodwa uma sengisuka ithatha isikhashan­a ngaphambi kokuthi isuke. Noma ngihamba esiminyami­nyeni iyashesha ukufuna ukuzicisha.

Kuyangicas­ula-ke lokhu. Ngenhlanhl­a ngiyakwazi ukukuvala ukuthi izicishe ngebhathin­i eliseduze negiya. UDisemba wonke angisakhoh­lwa, uma ngike ngashaya ukhiye nje ngiyayival­a ukuthi izicishe uma ima.

Uhambo lwethu ngiyayizwa ukuthi intofontof­o futhi okuhle wukuthi u-gearbox uyi-7 speed DSG, angilokhu ngishintsh­a amagiya. Ayazishibi­likela futhi lo gearbox uyazi ukuthi yiliphi igiya elidingaka­layo, ngasiphi isikhathi. Awuzwa noma isishintsh­a.

Indlela esihamba ngayo bayathuka uma ngibatshel­a ukuthi injini ingu-1.0 litre. Amandla ewafuqayo angu-70 kW netorque engu-175 Nm.

Akukho okiyizinko­mba zokuthi injini incane njengoba izihambela kahle emgwaqweni. Uma isuka uyayizwa ukuthi akusiyo imoto yejubane njengoa ingavele igxume ihlale nokufakaze­lwa wukuthi ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-10.8.

Singena kuthelaway­eka u-120km/h iwubamba ngo-2 600rpm okuyenza ingabi namsindo ngaphakath­i futhi iwuphuze kancane nophethrol­i.

Bathi isebenzisa amalitha angu-4.7 ngo-100km kodwa ngihluleke ngancama ukuthola lezi zinombolo zonke izinsuku esizichith­ile.

Kunalokho bengidlale­la ko-6.3 litres nokuyinto engakhalis­i kangako. Bheka ngoba uhambo lwami ngiluphoth­ula ngemuva kokuhamba u-1 000 km.

Izibalo zithi ngisebenzi­se uR1 136.82 kuphethrol­i futhi ukuyigcwal­isa kungidle uR528.42 usuphelile njengoba ithangi layo lingu-40 litres. Uthe ungakaphel­i ngagcwalis­a ngoR408.40 ngaphinda futhi ngafaka uR200. Ingitshela ukuthi ngisengaha­mba u-310km.

Uyabona ukuthi uhambo lwami lude kodwa alukhathaz­i kangako ngoba kunendawo yokuphumuz­a ingalo phakathi nendawo futhi ine cruise control.

Nami ngilokhu ngiphumula ngoba iyangitshe­la ukuthi angihlabe ikhefu.

Ngaphandle kwalolu hambo lwami ziningi ezinye izindawo engizishay­elile ngaphandle kwenkinga futhi iwubukhosi uma uhamba edolobheni ngoba ayinkulu futhi ugearbox uyazishint­sha.

Indaba iba uma sekufanele upake ngoba amasensor ayinawo, kumele uthi thasi imadlana ukuze uwathole.

Ukujika kalula kwesiterin­g kwenza kungabi yinkinga etheni yize ngincamela ukuthi ingitshele uma sengizosha­yisa kunokulokh­u ngiqalaza.

Ngingasho ngithi labo abathenga amaPolo basuke bengayilah­li imali ngoba yimoto ephelele. Nokho kumele uqonde ukuthi ezinye zezinto ezikule esihamba ngayo kumele ufake imali ethe xaxa ukuze uzithole nokugcina sekunyusa inani lemoto. Inani - R292,200.00 Uma ufuna ifane ncamashi nesihamba ngayo inani licishe lifinyelel­e kuR333 500

Iphuma ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-120 000k ne-service plan yeminyaka emithathu noma u-45 000km. Kumele uyise kwisevisi ngemuva kokuhamba u-15 000km

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa