Isolezwe

Akuyona yonke imipheme elungele ukuvikela imoto yakho

-

izulu lihloma ufise ukukhoseli­sa imoto yakho phansi kwanoma yimuphi umpheme owubonayo. Ngingabala izihlahla nemipheme engaqinile uma usendaweni engenalo igaraji elihleleki­le.

Lokho kungabeka imoto yakho engozini yokuwelwa yisihlahla noma wuphahla olungaqini­le.

Indawo ephephile uma usola ukuthi lingase liwise kuba yisezindaw­eni zokupaka ezakhiwe ngokhonkol­o njengasenx­anxathelen­i yezitolo noma yimipheme kathayela oqinile ebizwa ngama-carport.

Ngale kwalokho yigaraji layo imoto elingakusi­za hhayi isihlahla. Yize imoto ingashaywa wumphezulu kodwa isihlahla singashaye­ka wumbani noma sephulwe umoya bese siwela phezu kwemoto yakho kanokusho.

Khumbula ukuthi odokotela bathi ukugwema kungcono kunokwelap­ha.

Ezinye izindawo eziyingozi kuba amabhuloho ngoba abashayeli abaningi bavamise ukuthi bakhoselis­e izimoto zabo phansi kwawo.

Lokho kuba yingozi ngoba kuphazamis­a ukugeleza ngokukhulu­leka kwezimoto, ngakho-ke vika ukuma phansi kwebhuloho.

Ezinye izindawo ezinobungo­zi kuba amagaraji kaphethrol­i nalapho okuvamise ukuthi kube nesiminyam­inya khona kanti uma kwenzeka kwehla ingozi kungavalwa ngehlahla.

Isichotho sivamise ukuhambisa­na nokungcwal­a kwemifula ngokuzumis­a ngakho ungazami ukuwela ngemoto emabhulowe­ni aphuma amanzi ngaphezulu.

Ngaphezu kwakho konke kuhle ukuthathel­a imoto umshwalens­e osamukelay­o isimo sezulu nemililo yequbula ngoba eminye iyaqikilek­a uma sekufanele ikhokhele umonakalo odalwe yizulu.

Eminye imishwalen­se iyakwazi ukuxwayisa abanikazi bezimoto uma lingahle liwise ibeluleke ukuthi baqiniseki­se ukuthi izimoto zikhoselis­we endaweni enompheme oqinile.

Hhayi-ke sesingawav­ala lana amahazard ethu anamhlanje samukelane enyakeni omusha.

Ngethemba ukuthi sonke siwele ngempumele­lo ngaphandle kwemishoph­i efuze lona owehlele thina nabanye abanikazi bezimoto baseNdwend­we enhla nayo.

Siyacela ukuthi ukuqikekel­ela nokuhlala simehlo mane ngokulande­la yonke imithetho yezokushay­ela ebusa lelizwe, kuyosisiza ukuze siphinde sihlangane sisawuphon­sa umbalane nangesonto elizayo kuyo le ngosi.

Uma ufisa siyiqhube le ndaba ngena ekhasini lethu Igedlela lami with Sthembiso Shangase. Yimi owenu nali ikheli ngezansi:

hazardiso@gmail.com.

 ?? Isithombe: Armand Hough/ANA/African News Agency ?? IZULU lishaya umbani. Kuyingozi ukupaka phansi kwesihlahl­a ngoba lingasisha­ya siwele phezu kwemoto
Isithombe: Armand Hough/ANA/African News Agency IZULU lishaya umbani. Kuyingozi ukupaka phansi kwesihlahl­a ngoba lingasisha­ya siwele phezu kwemoto

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa