Kusolwa umbango kuvalelwa abazalwane

Isolezwe - - IZINDABA - NONTUTHUKO NGUBANE

BAVALELWE ngaphandle kwesango abazalwane bebandla laseLuthela eNewlands West, oThandweni abafike likhiywe ngezingidi ezimbili okusolwa umbango wezikhundla zangaphakathi ngakho.

Izolo abazalwane base-Evangelican Lutheran Church in Southern Africa, abakwazanga ukungena ngaphakathi kukhiyiwe.

Ibandla liholwa umfundisi Mboniseni Ntanzi owaduma kakhulu ngezitshumayelo kuKhozi FM.

Isolezwe lifice abazalwane bemi ngaphandle kwesango behlabelela. Abanye bephethe amaphepha abhalwe ukuthi “umoya kasathane ofuna ukubhidliza ibandla”.

Akwaziwa ukuthi ubani ovalile njengoba bekunezingidi ezimbili, okhiye bengabonwa. Bekukhona neveni ebeyivimbe esangweni ukuze kungangeni muntu ngaphakathi.

UMnuz Christopher Blose oyilungu elidala lebandla uthi inkinga kuleli bandla iqale ngesikhathi kukhethwa ikomiti lomkhandlu elingekho emthethweni ngonyaka odlule.

“Kusiphatha kabi ukuthi indlu yebandla ivalwe kanjena bese sihlala emnyango. Inkinga umkhandlu owakhethwa nyakenye, awusebenzisani kahle nomfundisi uNtanzi. Kube nezinkinga eziningi kusuka lapho umfundisi ethatha izinqumo ezithize njengoba eyekise abanye abantu ukushumayela. Namhlanje besibheke ukuba sivotele omunye umkhandlu ozoba semthethweni,” kusho uBlose.

Usole uMfundisi Ntanzi ngezinto eziningi okubalwa ukumisa ekubhekeni izinto zebandla nokuligada abekuholela uR2 000 ngenyanga.

USihlalo weSekethe yaseThekwini uMnuz Mandla Sishi ofike ezobhula umlilo uthe badumele kakhulu ngalokhu.

“Njengobuholi lapha eThekwini asazi ukuthi kungani befuna ukukhetha omunye umkhandlu ngoba ukhona umkhandlu owavotelwa, wagcotshwa. Akukhethwa kabili. Uma benezingqinamba bekumele basibikele njengoba singabaholi bese siyabheka ukuthi sikhona yini isidingo sokuba kudilizwe umkhandu,” kusho uSishi. Uthe ngokuthola kwabo kube nokungezwani phakathi kukaSihlalo wesigungu uMnuz Mbuso Shangu nomfundisi. Umfundisi uNtanzi ethintwa ngalolu daba uthe abanye abazalwane bangenwe wumoya wokuxova. “Bafuna ukuchitha mina bayakhohlwa wukuthi ngingomunye THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwenews) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. wabasunguli baleli bandla. Konke lokhu abakwenzayo balwa nami ekubeni icala lami ngingalazi. USihlalo okhethiwe emkhandlwini akubanga khona ukusebenzisana okuhle naye. Ufune ukuba ngumfundisi ngenkani, ngamtshela ukuthi kusamele alinde ngoba abefundisi basanele kwaba sengathi ngilwa naye. Kumanje ulwa ngemali yebandla,” kusho uNtanzi.

Uthe okwenza wayekisa abashumayeli ababili ukushumayela kwaba wulimi lwabo oluqosheme. UNtazi uthe kwakungekho okwakubhalwe phansi okuyisivumelwano ngobeholela ukunakekela ibandla.

Izinkulumo zokuthi usemdala njengoba eneminyaka engu-67 sekumele adedele abanye, uvele wazihleka wathi ebandleni laseLuthela ungayeka ukuba umfundisi uma usuneminyaka engu-70.

Izithombe: GCINA NDWALANE / AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)

AMALUNGU ebandla lamaLuthela, Othandweni Parish eNewlands West okubikwa ukuthi kunokungaboni ngasolinye kumalungu alo okuholele ekutheni kube khona abakhiya isango lesonto kwaphazamiseka inkonzo izolo ekuseni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.