Uzovela oshayise iphoyisa limumisa

Isolezwe - - IZINDABA - BONISWA MOHALE

UZOVELA enkantolo kuleli sonto owesilisa oneminyaka engu-22 obhekene namacala okukhona kuwo elokubulala ngokungenhloso emuva kokushona kwephoyisa likaMasipala weTheku u-Inspector Johan Deysel (59) oshayiswe yitekisi ezama ukuyimisa emgwaqweni oseManzimtoti ngempelasonto.

I-video kaDeysel eshayiswa yitekisi ebisabalele ezinkundleni zokuxhumana, kukhona abakugxekayo ukuvezwa kwayo abanye bazwelana nomndeni wakhe.

UCaptain Nqobile Gwala wamaphoyisa KwaZulu-Natal uthe kuphenywa icala lokubulala ngokungenhloso emuva kokushona kwephoyisa likaMasipala elishayiswe ngoLwesihlanu ebusuku.

USupt Glen Ndlovu obhekelele ezokuxhumana emaphoyiseni kaMasipala ucele abantu ukuthi bayeke ukuphawula ngendlela elumelayo kulolu daba ngoba uDeysel ushone enza umsebenzi wakhe.

Uthe umasipala utshale amaphoyisa kuleya ndawo emuva kokucelwa yikhansela ebelithole izikhalo ngokushayiswa kwabantu eduze kwenxanxathela yezitolo iGalleria.

“Siyacela abantu bayeke ukuphawula budedengu ngalolu daba ngoba kunezimpawu eziyalela izimoto ukuba zime kodwa le tekisi ayimanga kuzo yayoshayisa uDeysel. Bekusebusuku emuva kuka-8. Umshayeli wetekisi bekufanele ame njengabanye abashayeli kodwa wazama ukugudla eceleni wagcina eshayise iphoyisa. Kuyacaca ukuthi ubefuna ukubaleka,” kusho uNdlovu.

Uthe umshayeli wetekisi ubhekene necala lokushayela budedengu, elokuzama ukubulala, elokubulala ngokungenhloso nelokuzama ukubaleka endaweni yesigameko.

UDeysel ubesesebenze iminyaka ewu-35 emaphoyiseni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.