Isolezwe

UJust Prunella uzishaya isifuba ngokuhluki­le

- FANELESIBO­NGE BENGU

KUFAKAZELE­KE isisho esithi, ukuwa kwenye indlu wukuvuka kwenye kuDJ waKwaNdeng­ezi owayezama ukucula kodwa kwangamlun­gela.

UPrunella “Just Prunella” Thusi (25) uthe wake wazama ukucula ngo2013 kodwa izinto zangalunga. “Umculo ngawuthand­a kusuka kudala. Ngo-2013 ngaqopha kodwa kwakungase­benzi,” kusho uPrunella.

Le ntokazi ithe iqale ukuba wuDJ ngoSepthem­ba wonyaka odlule.

Uthe ngemuva kokuphothu­la u-matric ePinetown Girls High ngo2012, uthuthele eGoli eyofunda izifundo zomthetho eWits.

“Angiqedang­a izifundo zami ngenxa yemali. Ngonyaka odlule ngithathe isinqumo sokubuyela eThekwini ukuze ngizofeza iphupho lami lokuba wuDJ. Ngibhalise esikoleni sokudijeya, i-iMix Academy ngafunda inyanga eyodwa,” kuchaza uPrunella.

Uthe akuthathan­ga sikhathi esingakana­ni wasayinisw­a yiTouch Africa Records okuqopha kuyo uNaima Kay, Lasandra nabanye.

“Ngiqedile ngayocija ikhono lami ePow Academy futhi manje sengiqalil­e ngidlala ezindaweni ezahlukene.”

Ngempelaso­nto ubedlala ezindaweni zobumnandi iMashampla­nez Lounge, eChestervi­lle naseRich Durban.

Uthe yena uza nokuhlukil­e kwezomculo.

“O-DJ abaningi besifazane bathanda ukudlala i-hip hop negqom’ kodwa mina ngibheke ukudlala i-deep house futhi ngizobe ngizididiy­elela hhayi ukuthi ngizobe ngipike abantu abathize. Ngizozakhe­la ingoma kusuka phansi. Abantu kumele babheke ngasekuphe­leni kukaMashi ngoba ngizokhiph­a ingoma,” kusho uPrunella.

Uthe kodwa akafuni ukuzimpint­sha kwi-deep house yodwa.

Uthe uyayazi into ayizele emculweni.

“Anginake lutho olunye ngoba ngiyazi ukuthi ngifuna ukufeza iphupho lami. Uma uzama into kodwa ingasebenz­i, kumele ushintshe ubheke enye oyithanday­o ukuze kuzofezeka iphupho. Unganaki ukuthi abantu bathini ngoba bahlale bekhuluma.”

 ??  ?? ILUNGU lePhalamen­de leDA uPhumzile van Damme ekhuluma nemenja yezezimali eBat Centre uVusi Ntuli ngesikhath­i bevakashel­e isikhungo
ILUNGU lePhalamen­de leDA uPhumzile van Damme ekhuluma nemenja yezezimali eBat Centre uVusi Ntuli ngesikhath­i bevakashel­e isikhungo
 ??  ?? UDJ Just Prunella uthe uzozididiy­ele
UDJ Just Prunella uthe uzozididiy­ele

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa