Ingebhe kubulawa induna nendodana
KUKHALWA ngokuphenduka ujomb’igazi kwendawo yaseMaqeleni, eMlalazi, eShowe, kulandela ukubulawa kwabantu abayisihlanu ezigamekweni okusolwa ukuthi zihlobene.
NgoLwesibili ebusuku kuhlaselwe induna yakule ndawo uMnuz Nkomo Ngwenya (56), wabulawa.
Le nduna kuthiwa idutshulwe emzini wayo, yaklajwa ngembazo, kwathathwa izibhamu zayo ezisemthethweni ezimbili neselula.
Lesi sigameko kuthiwa silandela esenzeke emasontweni amathathu adlule lapho kudutshulwe khona indodana yenduna, uMnuz Sibongiseni Ngwenya, yashona.
Ngaphambi kwalokhu kuthiwa kudutshulwe abafana bandawonye, bakwaMnyandu. Kwesinye isigameko kuthiwa kwadutshulwa owesilisa owayevakashele ekhweni lakhe.
Lezi zigameko kusolwa ukuthi zisuswe ukwebiwa kwemfuyo kule ndawo, kuthiwa induna ebulewe ibisiqale inhlangano elwisana nokwebiwa kwemfuyo njengoba igcine ibulewe nayo.
Osondelene nalolu daba ocelwe ukuba angadalulwa uthe abasazi ubani ozolandela.
“Kudutshulwe induna, yaklajwa nje, kunenqwaba yamacala okubulala asaphenywa, ombango wokwebiwa kwemfuyo endaweni. Kumanje asazi ukuthi ubani ozohlaselwa, sihlalele ovalweni njengoba lendawo isiphenduke kwajomb’igazi. Amaphoyisa awasisizi ngoba abantu ababulalayo basuke bebonakele kodwa ababoshwa,” kusho lo mthombo othe ungadalulwa ngoba kwawona ungaba sengozini.
Unkosikazi kamufi, uNkk Ngwenya, onqabile negama lakhe uthe kusenzima ukukhuluma ngalolu daba njengoba umyeni wakhe edutshulwe phambi kwakhe.
“Umufi ubevala isango ngesikhathi ehlaselwa umfana ongaziwa wamdubula. Umbulali uthathe izibhamu zakhe ezimbili ezisemthethweni neselula yakhe. Ngendlela alimale ngayo ngathi abamdubulanga kuphela kodwa baphinde bamgenca ngokuthize. Asazi ukuthi kungani bembulele njengoba nendodana yami endala ibulawe emasontweni, kwangaboshwa muntu. Sicela uNgqongqoshe wamaphoyisa uMnuz Bheki Cele angenelele,” kusho uNkk Ngwenya.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele ukuqinisekisile ukuthi banenqwaba yamacala aphenywayo kule ndawo.
“Kunecala lokubulala eliphenywa amaphoyisa aseShowe elenzeke ngoLwesibili ngabo18:15 lapho owesilisa oneminyaka engu-56 edutshulwe emzini wakhe ngabantu abangaziwa. Ulimale ekhanda. Singaqinisekisa ukuthi kunamanye amacala okubulala amathathu aphenywa amaphoyisa, namanye amabili okuzama ukubulala, kulandela ukuhlaselwa kwabantu abahlanu ezigamekweni ezehlukene eMlalazi. Laba babehlaselwa ngabantu abangaziwa. Okwamanje ngeke sikwazi ukuqinisekisa ukuthi lezi zigameko zihlobene njengoba kusaphenywa,” kusho uCol. Mbele.