Abashonelwe bakhala ngenhlawulo yenkosi
KUSINDA kwehlela emndenini wasoLundi obungcwaba ubaba wekhaya ngesonto eledlule, njengoba ukhala ngenhlawulo emba eqolo efunwa yinkosi yendawo yokuwujezisela ukuthi ungcwabe uyise egcekeni lawo.
Lokhu kulandela ukuthi umkhandlu weNkosi yesizwe sakwaZungu, uFalethu Zungu behlawulise umndeni wakwaMbatha imali enguR10 000 okukhona kuyo uR5 000 wenhlawulo yokungcwaba egcekeni nomunye okuthiwa owokudelela kanye noR200 wesamanisi.
UMnuz Phakamani Mbatha uthe abasazi ukuthi kumele benze njani ngalezi zinhlawulo.
“Bengiyile ngoLwesithathu ecaleni bangihlawulisa uR5 000 wokuthi ngingcwabe ubaba ekhaya base bethi bangihlawulisa omunye uR 5000 wokudelela nokuthe uma ngibuza ukuthi le yokwedelela abangichazele kahle ngayo, abangaphumela obala. Base bangihlawulisa uR200 abathe owokulethwa kwesamanisi ekhaya. Isiyonke le mali inguR10 200. Bathi bayifuna engakashayi uFebhuwari 28, nonyaka.
“Ngiyafisa ukufinyelela kuMama Nomusa Dube-Ncube asilekelele ngoba lezi zinhlawulo bathi ezabo kwaZungu babonisana ngazo yena nezinduna zakhe okuwumkhandlu bebodwa,” kubalisa uMbatha.
NgoDisemba kubizwe amanye amalungu omphakathi nawo abekhala esifanayo emkhandlwini wenkosi ngemuva kokuba Isolezwe libike ngalolu daba.
Amanye aveza ukuthi okuwaxakayo ukuthi inkosi uZungu yona ingcwabela ekhaya emzini wayo kodwa abantu iyabanqabela. Inkosi uZungu ithe isikhathele ukukhuluma ngale ndaba emaphephandabeni.
“Okokuqala lapha kunendawo ebekelwe umphakathi ukuba ungcwabele kuyo hhayi emagcekeni emizi yabo. Manje laba bakwaMbatha kuqale ubaba wakhona wangcwaba indodana yakhe ekhaya. Kuthe uma sekufanele akhokhe inhlawulo enguR5 000 wahlatshwa ukugula washona. Ushona nje uyasikweleta. Sekulandele ngokuthi umndeni wakhe nawo umngcwabele ekhaya njengoba nawo sesiwuhlawulisa,” kusho uZungu.
Uthe kungamanga ukuthi babahlawulisa uR10 000, uthe imali abafuna ikhokhwe abakwaMbatha uR5 000 kodwa lona omunye uR5 000 wokudelela owokubethusa, kusuke kungesikho ukuthi bayawukhokha.
UZungu uqhube wathi yena ungcwaba ekhaya ngoba imayini kwathi uma ibiyela umuzi wakhe omusha yavele yawuhlanganisa nomdala ababengcwaba kuwona, yikho besaqhubeka nokusebenzisa amathuna abo.
Eminye imindeni esihlawulisiwe kubalwa owakwaNgqulunga, owakwaMyaka, owakwaZondi neminye.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa nokuBambisana neZindaba zoMdabu esifundazweni uMnuz Lennox Mabaso, uthe bazothumela ithimba lomnyango ukuba liphenye kabanzi ngalolu daba.
“Njengama-Afrika siyawuhlonipha umndeni uma usesimeni esifana nesalesi sakwaMbatha njengoba bebefihla ubaba wekhaya ngesonto eledlule. Ngakho sizoya ekhaya khona sixoxisane nabo siphinde sikhulumisane nenkosi ngoba okwamanje asithandi ukwahlulela singakazizwa zonke izinhlangothi. Siyanxusa ukuba imiphakathi uma ikhokhiswa lezi zimali, iqinisekise ukuba inikezwa amaphepha awubufakazi bokukhokha,” kusho uMabaso.