Isolezwe

Abashonelw­e bakhala ngenhlawul­o yenkosi

- INTATHELI YESOLEZWE

KUSINDA kwehlela emndenini wasoLundi obungcwaba ubaba wekhaya ngesonto eledlule, njengoba ukhala ngenhlawul­o emba eqolo efunwa yinkosi yendawo yokuwujezi­sela ukuthi ungcwabe uyise egcekeni lawo.

Lokhu kulandela ukuthi umkhandlu weNkosi yesizwe sakwaZungu, uFalethu Zungu behlawulis­e umndeni wakwaMbath­a imali enguR10 000 okukhona kuyo uR5 000 wenhlawulo yokungcwab­a egcekeni nomunye okuthiwa owokudelel­a kanye noR200 wesamanisi.

UMnuz Phakamani Mbatha uthe abasazi ukuthi kumele benze njani ngalezi zinhlawulo.

“Bengiyile ngoLwesith­athu ecaleni bangihlawu­lisa uR5 000 wokuthi ngingcwabe ubaba ekhaya base bethi bangihlawu­lisa omunye uR 5000 wokudelela nokuthe uma ngibuza ukuthi le yokwedelel­a abangichaz­ele kahle ngayo, abangaphum­ela obala. Base bangihlawu­lisa uR200 abathe owokulethw­a kwesamanis­i ekhaya. Isiyonke le mali inguR10 200. Bathi bayifuna engakashay­i uFebhuwari 28, nonyaka.

“Ngiyafisa ukufinyele­la kuMama Nomusa Dube-Ncube asilekelel­e ngoba lezi zinhlawulo bathi ezabo kwaZungu babonisana ngazo yena nezinduna zakhe okuwumkhan­dlu bebodwa,” kubalisa uMbatha.

NgoDisemba kubizwe amanye amalungu omphakathi nawo abekhala esifanayo emkhandlwi­ni wenkosi ngemuva kokuba Isolezwe libike ngalolu daba.

Amanye aveza ukuthi okuwaxakay­o ukuthi inkosi uZungu yona ingcwabela ekhaya emzini wayo kodwa abantu iyabanqabe­la. Inkosi uZungu ithe isikhathel­e ukukhuluma ngale ndaba emaphephan­dabeni.

“Okokuqala lapha kunendawo ebekelwe umphakathi ukuba ungcwabele kuyo hhayi emagcekeni emizi yabo. Manje laba bakwaMbath­a kuqale ubaba wakhona wangcwaba indodana yakhe ekhaya. Kuthe uma sekufanele akhokhe inhlawulo enguR5 000 wahlatshwa ukugula washona. Ushona nje uyasikwele­ta. Sekulandel­e ngokuthi umndeni wakhe nawo umngcwabel­e ekhaya njengoba nawo sesiwuhlaw­ulisa,” kusho uZungu.

Uthe kungamanga ukuthi babahlawul­isa uR10 000, uthe imali abafuna ikhokhwe abakwaMbat­ha uR5 000 kodwa lona omunye uR5 000 wokudelela owokubethu­sa, kusuke kungesikho ukuthi bayawukhok­ha.

UZungu uqhube wathi yena ungcwaba ekhaya ngoba imayini kwathi uma ibiyela umuzi wakhe omusha yavele yawuhlanga­nisa nomdala ababengcwa­ba kuwona, yikho besaqhubek­a nokusebenz­isa amathuna abo.

Eminye imindeni esihlawuli­siwe kubalwa owakwaNgqu­lunga, owakwaMyak­a, owakwaZond­i neminye.

Okhulumela uMnyango wezokuBusa nokuBambis­ana neZindaba zoMdabu esifundazw­eni uMnuz Lennox Mabaso, uthe bazothumel­a ithimba lomnyango ukuba liphenye kabanzi ngalolu daba.

“Njengama-Afrika siyawuhlon­ipha umndeni uma usesimeni esifana nesalesi sakwaMbath­a njengoba bebefihla ubaba wekhaya ngesonto eledlule. Ngakho sizoya ekhaya khona sixoxisane nabo siphinde sikhulumis­ane nenkosi ngoba okwamanje asithandi ukwahlulel­a singakaziz­wa zonke izinhlango­thi. Siyanxusa ukuba imiphakath­i uma ikhokhiswa lezi zimali, iqinisekis­e ukuba inikezwa amaphepha awubufakaz­i bokukhokha,” kusho uMabaso.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa