Isolezwe

Imigwaqo enetiyela eyomntakab­ani

-

VS Ngidi MHLELI: Ngiyilungu lomphakath­i waseTrustf­eed kuWard 9, ngaphansi koMshwathi Municipali­ty.

Sinezinkin­ga esigodini sakithi iJwabuzela esezisihlu­phe iminyaka.

Ukushoda kwamanzi, kunohlelo lokuthuthw­a kwamanzi ngamaloli eyiswa ezindaweni ezintula amanzi. Selokhu kwaqalwa lolu hlelo amanzi awasaphumi kompompi. Uma kuthuke ephuma, aphuma kancane ngendlela engachazek­i. Liyaphela isonto amanzi engekho kompompi. Uma uvula umpompi uhlabe ikhwela.

Le nkinga yamanzi ihlasele kakhulu izigodi ezimbili iJwabuzela noGudlucin­go. Alukho uhlelo esisizwa ngalo ngale nkinga. Kunzima nokuthenga amathangi ngoba ukuze siwagcwali­se kuye kufuneke ukuthi siwakhokhe­le oR300 kule genge eshayela amaloli. Isikhokhis­a nje la manzi bawakha khona endaweni.

Inkinga yomgwaqo wobhuqu wakuzo zombili lezi zigodi ezibalwe ngasenhla.

Kushayisa amahloni ukuthi emva kokuthi leli zwe lakhululek­a sisahamba emgwaqeni onjena. Kukodwa ukuthi uwubhuqu. Unemigodi nemisele. Uma uhamba ngemoto kuba ubutsegets­ege ihambe inyukunyek­a kule migodi nemisele.

Sihlulwa ngisho indawo yasemakhay­a iSweetwate­rs, ikhonkwe cishe yonke imigwaqo yakuleya ndawo.

Sihlupheka kanjena nje sinalo ikhansela leWard uMbongwe. Uma ebikelwa ngezinking­a zamanzi uthi amanzi inkinga ekhungethe izwe lonke.

Mayelana nomgwaqo wathi uthi umasipala wafelwa ugandagand­a wokugugula umgwaqo. Umbuzo wami-ke uthi uma lo gandaganda womkhandlu ufile alukho yini uhlelo lokuqasha omunye ngaphandle, kulethwe usizo emphakathi­ni na?

Sikhala kanjena nje ngomgwaqo ikhansela linomuhle umgwaqo wetiyela ophela ngasemzini walo. Lento yemigwaqo ephelela emzini yamakhanse­la nezimeya siyayibuka nje. Asithule ngoba siyizilima. Ayiyinhle neze. Bathi basebenzel­a umphakathi bawuninda ngodaka emehlweni.

Bayakhohlw­a ukuthi bakulezi zikhundla abakuzo nje bakhethwa yiwo lo mphakathi abawushaya indiva. Sokhulu ETRUSTFEED

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa