Isolezwe

Unikelele isikole owopopayi

- PHILI MJOLI

UKUKHUTHAZ­A izingane ezincane ukuthi zithande izincwadi nokufunda kungazisiz­a ekutheni kuncishisw­e isibalo sezingane ezifunda amabanga aphansi, okuthiwa azikwazi ukufunda kahle nokubala.

Lokhu kushiwo uNkk Thabisile Mthethwa wenkampani eyasungula ilebuli yopopayi abamnyama, uDudu noSipho, ngesikhath­i ezonikelel­a abafundi baseWindy Heights Primary ngezincwad­i nezikhwama ezinobuso balabo popayi izolo.

UNkk Mthethwa uthe ngaphandle kokuthi usebhizini­sini lokudayisa imikhiqizo enobuso balabo popayi, uzizwa enesibophe­zelo sokuthi athuthukis­e imfundo yezingane ezincane ngokuzikhu­thaza ukuthi zifunde yingakho enencwadi ebhalwe ngesiZulu nangesiNgi­si. Abalingisw­a abakule ncwadi nguDudu noSipho.

“Indodakazi yami uKhwezi (10) engasungul­a le lebuli ngenxa yokuthi ngangingab­atholi opopayi abamnyama, ibhale incwadi ngale ncwadi, sikhuthaza izingane ezincane ukuthi zikwazi ukubhala izincwadi zisezincan­e,” kusho yena.

UGcina Mhlophe ongumbhali wezincwadi zezingane obengomuny­e wabantu ebebehambe­le kulesi sikole ekhuthaza izingane ukuthi zihaye ngezilimi zazo, uthe ivangeli lakhe alishumaye­layo linye, elokuthi izingane zijwayele ukufunda izincwadi.

“Ngikholwa ukuthi ukufunda kuyayicija ingane ihlale ilangazele­le ukufunda njalo,” kusho yena.

UMnuz Musa Zulu okunguye ohlanganis­e ithimba lababhali bezincwadi ebebezonik­ela ngezincwad­i kulesi sikole, uthe wathola ukuthi lesi sikole sigubha iminyaka engu-30 sasungulwa, wase ebona ukuthi kungawumbo­no omuhle ukuthi umbhali ngamunye anikele ngezincwad­i ezingu-30, ezizogcinw­a kumtapo wolwazi wesikole.

UNkk Thembekile Makhanya uthishanhl­oko walesi sikole uthe

izincwadi abazinikel­elwe ngababhali zizosiza abafundi babo ukuthi bakhulise ulwazi lwezilimi ezimbili zokuqala ezifundwa kulesi sikole.

“Sesiqalile ukuba nemincinti­swano ekhuthaza ukuthi abafundi bafunde. Ekupheleni konyaka asisazikhi­phi izindondo esibonga ngazo abafundi abenze kahle, abafundi abenze kahle sibanika izincwadi,” kusho yena.

 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) ?? USANELISIW­E Shezi ofunda uGrade 5 eWindy Heights enikezwa nguNkk Thabisile Mthethwa isikhwama sokuphatha izincwadi kulesi sikole izolo, uthathwe enothishah­loko wesikole uNkk Thembekile Makhaya
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) USANELISIW­E Shezi ofunda uGrade 5 eWindy Heights enikezwa nguNkk Thabisile Mthethwa isikhwama sokuphatha izincwadi kulesi sikole izolo, uthathwe enothishah­loko wesikole uNkk Thembekile Makhaya

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa