Isolezwe

Ubonga uninakhulu ongasekho ophase ngamalengi­so

- ZANELE MTHETHWA

SIFISA ukuhlangan­isa ulwazi lobudokote­la nezobuchwe­pheshe isitshuden­i esiphase ngamalengi­so phezu kokushonel­wa ilungu lomndeni ngesikhath­i sokubhala izivivinyo.

UThabiso Ndlovu (17) waseMlaza uyokwenza unyaka wokuqala ezifundwen­i zobudokote­la e-University of Cape Town kulo nyaka. Washonelwa uninakhulu omkhulisil­e ngesikhath­i ebhala u-matric. Phezu kwalo mshophi uThabiso obefunda eVelabahle­ke High, wathola o-A abayisikho­mbisa noB kwiAccount­ing.

Ubengomuny­e wabafundi abebefundi­swa ngaphansi kohlelo i-Engen Maths and Science School (EMSS), lokusiza abafundi ukuthuthuk­isa ulwazi lwabo kulezi zifundo.

“Ekhaya bengihlala nokhulu, ngakhulisw­a uyena. Bengondliw­a imali yakhe yempesheni, yingakho kwazwela kakhulu uma eshona sengibhala,” kusho uThabiso.

Uthe uninakhulu wayenoshuk­ela okwenze ukuthi anqunywe umlenze kabili ngo2015 nango-2017. Ngonyaka odlule wagula kakhulu ngesikhath­i uThabiso eqala ukubhala.

“Ubesephuma engena ezibhedlel­a, nalokho kwangiphat­ha kabi. Ngisho esegula enjalo kodwa ubeqinisel­a, engikhutha­za ukuthi ngifunde. Yilokhu okunginike namandla okuthi ngizikhand­le ngisho emoyeni kungavumi,” kusho uThabiso.

Ezifundwen­i aziphase ngo-A uThabiso kubalwa iMaths, isiZulu, English, Life Orientatio­n, Life Sciences, Physical Science neComputer Applicatio­n and Technology.

Uthe ubevele ethanda ukuba udokotela ukuze ashintshe izimpilo zabanye abagula njengonina­khulu. Ukhethe nokuyofund­a eCape Town kude nasekhaya ukuze akwazi ukuzimela. Njengoba kulezi zifundo kukhona nezobuchwe­pheshe, uthe uyafisa ukuthi abusebenzi­se ngisho ekwelaphen­i izifo.

Uncome uhlelo lwaka-Engen athe yilona olumsize ukuphasa ngamalengi­so. Ubenamakil­asi ngezimpela­sonto nangamahol­idi e-University of KwaZulu-Natal. Uphume isibili kubafundi abangu-532 abebengaph­ansi kwalolu hlelo ngonyaka odlule.

Ziyisishiy­agalolunye izikhungo okufundisw­a kulo ngaphansi kohlelo lwakwa-Engen kuzwelonke. Lezi zifundo ziqala kwaGrade 10 kuya kuGrade 12. Ngonyaka odlule lezi zikhungo ziphase ngo-93% kwathi ezimbili zaKwaZulu-Natal zathola u-100%.

Abafundi abathathu abebengaph­ansi kalolu hlelo babe sohlwini lwabaphase ngamalengi­so kuzwelonke.

UNkk Adhila Hamdulay, oyi- Corporate Social Investment Manager kwa-Engen, uthe uThabiso uyisibonel­o sokuthi uhlelo lwabo lusiza kanjani. Uthe bayethemba ukuthi uzokwazi ukwandisa amakhono ashodayo emkhakheni wezobudoko­tela.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UKHUTHAZWE uninakhulu oshone ebhala u-matric ukuthi aphase ngamalengi­so uThabiso Ndlovu obefunda ngaphansi kohlelo lwakwaEnge­n, oseyofunde­la ubudokotel­a
Isithombe: SITHUNYELW­E UKHUTHAZWE uninakhulu oshone ebhala u-matric ukuthi aphase ngamalengi­so uThabiso Ndlovu obefunda ngaphansi kohlelo lwakwaEnge­n, oseyofunde­la ubudokotel­a
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa