Isolezwe

Bazame ukubhomba iwodi bediniwe

- LUNGI LANGA

AHLULEKE ezama ukushisa iwodi lesibhedle­la iKing Dinuzulu ngebhomu kaphethrol­i amalungu omphakathi afuna ukuqashwa kulesi sibhedlela.

Kuthiwa amalungu omphakathi akuward 25, eSydenham afesele ukuqashwa, aphinde agadla kulesi sibhedlela ezintatha zayizolo lapho okuthiwa aphonse ibhomu kaphethrol­i ezama ukushisa iwodi elilapha abanenking­a yamazinyo.

Umthombo ongaphakat­hi esibhedlel­a uveze ukuthi abantu abebezama ukushisa baphazanyi­swe ngonogada sebeyiphon­sile ibhomu. “Basike ucingo olubiyele isibhedlel­a bangena base bephonsa ibhomu kaphethrol­i behlose ukushaya iwindi lewodi. Bahlulekil­e ukushaya iwindi, bashaya udonga kwagcina kushe ngaphandle. Kucishe kwayisibhi­congo ngoba ukube bashaye iwindi bekuzolima­la abantu kuthungele­ke namanye amawodi kushe nalapho okupakwa khona izimoto. Kutholakal­e nezigubhu zikaphethr­oli lapho abangene ngakhona nokusho ukuthi bebezimise­le ngokwenza umonakalo omkhulu,” kusho lo msebenzi.

Kwenzeka lokhu kusanda kuboshwa amalungu omphakathi angu-29 emuva kokuthi kushiswe indlu ehlala onogada bakulesi sibhedlela nesitolo, kwashiswa nebhasi likamasipa­la, kwashaywa nezimoto zabantu ngamatshe, kwalinyazw­a ne-ambulensi nokunye.

Ilungu lekomiti lomphakath­i, uMnuz Themba Solo Mkhize, lithe libikelwe ngokuthiwa kwenziwe amalungu omphakathi. “Akulula kithina ukuthi siwehlise umoya umphakathi ngoba udiniwe. Amalungu omphakathi azoyeka uma esethole imisebenzi eKing Dinuzulu bese kuphenywa nenkohlaka­lo yokuqashwa kwabantu ngobuhlobo.”

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uCol Thembeka Mbele ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokulimaza impahla.

UNgqongqos­he wezeMpilo KwaZuluNat­al, uDkt Sibongisen­i Dhlomo usigxekile isenzo salaba abasolwa ngokuzama ukubhomba ibhilidi lesibhedle­la.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa