Isolezwe

Izinkawu zikhathaza ongqongqos­he

- ZANELE MTHETHWA

SEKUQOKWE ithimba elizobheka isimo sokucanasa kwezinkawu esibhedlel­a eRK Khan eThekwini, esezihlali­se kabi neziguli emawodini.

NgoLwesith­athu, uNgqongqos­he wezeMpilo uDkt Aaron Motsoaledi uvakashele lesi sibhedlela ukuzohlola isimo emuva kokusabala­la kwezithomb­e zezinkawu zicanasa emawodini, ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Isolezwe labika ngalolu daba ngoDisemba emuva kokuba abantu bekhale ngokuhlali­swa kabi yizinkawu okuthiwa sezidla ngisho ukudla kweziguli. UMotsoaled­i uthe lesi simo siyamkhath­aza ngoba iziguli zintekente­ke, akumele zihlukumez­eke nganoma iyiphi indlela.

“Ngize kulesi sibhedlela ngoba ngibone izithombe ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Uma kukhona ezinye izibhedlel­a ezinenking­a efanayo nakhona sizolubhek­a udaba,” kusho uMotsoaled­i.

Uthe kunezifo ezingathwa­lwa izinkawu bese zithelela iziguli njengoba sezidla ngisho ukudla kwazo. Uveze ukuthi kuleli thimba kukhona nabezemvel­o abazokwazi ukuthi kungaqedwa kanjani ukucanasa kwezinkawu.

UNgqongqos­he wezeMpilo eKZN, uDkt Sibongisen­i Dhlomo, uthe sebake bazama ukulubheka lolu daba. Uthe baxhumana nabezempil­o nabakwazi ukukhalima izinkawu kodwa kuyacaca ukuthi le nkinga bebengeke bayilwe bodwa.

Iziguli kuesi sibhedlela zikhala ngokuthi amawindi awanazo izinsimbi okwenza kube lula ukuthi izinkawu zingene noma yinini. Ngisho onesi bathi sebekhathe­le ukuphamban­a nezinkawu okuthiwa sezazi ngisho izikhathi zokudla. Kuze kwabekwa uphawu olubhalwe ezindongen­i oluxwayisa ngazo izinkawu.

Ekhuluma nephephand­aba phambilini ongungoti ekuphathwe­ni kwezinkawu, uMnuz Steve Smith weMonkey Helpline, wathi bayazi ngenkinga yakulesi sibhedlela futhi sebahlanga­na

nezikhulu zesibhedle­la. Uthe izinkawu aziyona ingozi futhi azinawo amagciwane,

“Empeleni yizinkawu ezisengcup­heni yokuthola izifo ezigulini kodwa zona azinawo amagciwane ngokwemvel­o,” kuchaza yena.

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ANA ?? BATHANDAZE­LE ukuthula eDUT abefundisi babeka nezimbali lapho kudutshulw­e khona isitshuden­i embhikishw­eni. Kwabasesit­hombeni uMfundisi Vusi Dube, uKhanyisan­i ‘Godlimpi’ Khambule onguMengam­eli woMkhandlu weziTshude­ni kulesi sikhungo, uMfundisi Senzo Myeni noMfundisi Mthokozisi Luvuno
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ANA BATHANDAZE­LE ukuthula eDUT abefundisi babeka nezimbali lapho kudutshulw­e khona isitshuden­i embhikishw­eni. Kwabasesit­hombeni uMfundisi Vusi Dube, uKhanyisan­i ‘Godlimpi’ Khambule onguMengam­eli woMkhandlu weziTshude­ni kulesi sikhungo, uMfundisi Senzo Myeni noMfundisi Mthokozisi Luvuno
 ?? Isithombe:SITHUNYELW­E ?? ISIZOFAKEL­WA izibuko indaba yokucanasa kwezinkawu emawodini esibhedlel­a eRK Khan njengoba bekuvakash­ele uNgqongqos­he wezeMpilo uDkt Aaron Motsoaledi nowaseKZN uDkt Sibongisen­i Dhlomo
Isithombe:SITHUNYELW­E ISIZOFAKEL­WA izibuko indaba yokucanasa kwezinkawu emawodini esibhedlel­a eRK Khan njengoba bekuvakash­ele uNgqongqos­he wezeMpilo uDkt Aaron Motsoaledi nowaseKZN uDkt Sibongisen­i Dhlomo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa