Isolezwe

Kutheleke abefundisi bezobhula umlilo ngomthanda­zo eDUT

- ZANELE MTHETHWA

AMAPHOYISA ashaqe izibhamu ezimbili zonogada okusolakal­a ukuthi badubula ngesikhath­i kunombhiki­sho wezitshude­ni eDurban University of Technology (DUT) okwaphetha ngokuthi kufe isitshuden­i, uMlungisi Ntombela (21) waseNgwavu­ma, ngoLwesibi­li ntambama.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbhele, ekhuluma oKhozini FM, uthe okwamanje akekho oseboshiwe mayelana nokufa kwalesi sitshudeni. “Sithathe lezi zibhamu ukuze ziyohlolwa wuPhiko lwamaPhoyi­sa oluHlola iziBhamu,” kusho uColonel Mbhele. Abaphathi baseDUT bacele izitshuden­i ukuthi zisebenzis­e i-internet, zibheke nama-emails ukuthola ukuthi isikhungo sizovulwa nini.

Okhulumela lesi sikhungo, uMnuz Alan Khan esitatimen­deni, uthe kusavalwe wonke amakhempas­i namahhovis­i.

“Isikhungo sisavaliwe okwesikhas­hana yingakho sikhuthaza izitshuden­i ezingakabh­alisi ukuthi zisebenzis­e i-internet. Siyaxolisa kubazali, izitshuden­i nabasebenz­i bethu ngokuvalwa kwesikhung­o. Senza konke okusemandl­eni ukuzama ukuxazulul­a izinkinga,” kusho uKhan.

Izolo, abaphathi besikhungo bekulindel­eke babe nomhlangan­o nomkhandlu omele izitshuden­i ukuthola isixazulul­o kulolu daba.

Izolo, abefundisi bamabandla ahlukene nabaholi bendabuko bathandaze endaweni yesigameko. UMfundisi Mthokozisi Luvuno ubeke izimbali endaweni yesigameko, wathembisa ukuthi bazoqhubek­a nokweseka izitshuden­i.

Umfundisi Vusi Dube, we-Ethekwini Community Church obehola lo mthandazo, uthe bona bamele abazali okumele basondele uma kwenzeke noma yini. UMengameli weziTshude­ni, uKhanyisan­i “Glodlimpi”Khambule, uthe bayawubong­a umthandazo futhi basawuding­a kulesi simo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa