Isolezwe

Isivumelwa­no esizosiza abaqolwa eyempeshen­i

- ZANELE MTHETHWA

SEKUSAYINW­E isivumelwa­no phakathi kwabakwaSo­uth Africa Social Security Agency (Sassa) nabePosi mayelana nokuqolwa kwabantu imali yempesheni.

Kulesi sivumelwan­o kuhlelwa nendlela yokukhokhe­la abaqolwe noma ngabe ingayiphi indlela eyenza ukuthi bangayitho­li impesheni.

Okhulumela abakwaSass­a KwaZuluNat­al, uMnuz Mbizeni Mdlalose, uthe isivumelwa­no esibizwa ngeService Level Agreement sibheka ukuthi zombili lezi zinhlaka zizomisa kanjani ukulwa nalesi sihlava.

UMdlalose uthe kuvunyelwa­ne ngokuthi noma ngubani onenkinga yokungayit­holi impesheni kumele aqale emahhovisi akwaSassa.

“Onesikhalo kumele alethe umazisi, inombolo yokuvulwa kwecala emaphoyise­ni nencwadi efungelwe. Siyakukhut­haza ukuthi avulwe amacala ngoba ukuqolwa impesheni yicala lokukhwaba­nisa. Uma sesiwathol­ile wonke amaphepha kwaSassa, imininingw­ane sizoyidlul­isela kwabePosi bese kuqalwa uphenyo olungathat­ha izinsuku ezisuka kweziyisik­hombisa kuya kwezingu-21,” kuchaza uMdlalose.

Uthe uphenyo luzobheka ukuthi ngabe iphutha likubona kwaSassa noma kwabePosi. UMdlalose uthe abaqolwe sebehola ngamakhadi amasha akwaSassa kuyomele bavulelwe ama-akhawunti amasha ebhange babuyele kwaSassa ukuze bafakwe kabusha kwikhompyu­tha. Ugcizelele ukuthi kuzokhokhe­lwa okuzobe sekuqinise­kisiwe ukuthi ukuqolwa kwabo akubanga ubudedengu babo.

“Siyanxusa ukuthi abantu bawafihle amakhadi abo omholo nenombolo eyimfihlo,” kusho uMdlalose.

Isolezwe selibhale ngezigamek­o eziningi zokuqolwa kwabantu imali yempesheni ikakhuluka­zi eyesondlo sezingane.

Osanda kuqolwa nguNkk Busisiwe Xulu waseMgungu­ndlovu okukhishwe uR5 500 ekhadini lakhe lakwaSassa ngoFebhuwa­ri 1. Uthe uhola le mali njalo ngenyanga njengoba ehola isondlo sezingane ezimbili. Uthe eqala ukuyokhiph­a imali ayiphumang­a kwathi uma ebuyela wathola ukuthi sekusele uR400.

“Ngithole ukuthi ikhadi lami lavalwa kwenziwa elinye ngoJanuwar­i 12. Ngibikile kwaSassa bathi bazophenya. Manje ngithenjis­we ivawusha kaR1 500 ukuze ngiphile nezingane kule nyanga,” kuchaza uNkk Xulu.

Ngenyanga edlule kwaboshwa owesilisa obebamba itoho ePosini eThekwini osolwa ngokukhwab­anisa imali yempesheni. Kuphinde kwaboshwa uNkk Lulu Langa waseGreyto­wn osolwa ngokuqola imali yempesheni enguR11 000 okuthiwa ubesebenzi­sana nabathize kuvulwe amakhadi amasha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa