Isolezwe

Kugwemeke inhlekelel­e isiguli sishisa iwodi

- LUNGI LANGA

ZISINDE ngokulambi­sa iziguli nabasebenz­i basesibhed­lela saKwaMaphu­mulo emuva kokuthi isiguli esiphazami­seke emqondweni sishisa igumbi ebesilalis­we kulo. Umthombo waleli phephandab­a ongathanda­nga ukudalulwa, uthe lesi siguli besivalelw­e egunjini laso sodwa ngesikhath­i sishisa ngoLwesibi­li ntambama.

“Akwaziwa ukuthi singene kanjani saze savalelwa sinomentsh­isi. Sishise isipontshi ebesilalis­we kusona kwase kuthungele­ka nakwezinye izindawo esibhedlel­a,” kusho umthombo.

Uthe igumbi ebesivalel­we kulo belisophik­weni okulashelw­a kulo abantu abanesifo sofuba.

Ngokwesita­timende soMnyango wezeMpilo, kusize unogada wenkampani osebenzela isibhedlel­a okunguye okwaze ukutakula lesi siguli, abasebenzi bezempilo nezinye iziguli ezihogele intuthu ngesikhath­i kusha. UMnuz Nkanyiso Xaba (30) ongunogada kulesi sibhedlela, ukhiphe iziguli ewodinini elishayo ngaphambi kokuthi aquleke ngenxa yokuhogela kakhulu intuthu.

Uphihlize iwindi wangena ngalo, wahlenga umhlengika­zi nesiguli abebevalel­eke ewodini ebeligcwel­e intuthu.

Ekhuluma esesibhedl­ela lapho elulamela khona, uXaba uthe ubone umlilo uqubuka ewodini obekulele kulo isiguli esiphazami­sekile uya ewodini yabalashel­wa ufuba.

“Okufike kuqala emqondweni wami ukuthi kunezinye iziguli ezilaliswe esibhedlel­a ezingakwaz­i ukuzihambe­la ngakho bekumele ngizikhiph­e. Ngitshele abakwazi ukuzihambe­la ukuthi abaphumele ngaphandle ngoba kuyasha ewodini,” kusho uXaba. Uthe akazi ukuthi ugcine ekhiphe iziguli ezingaki ngoba konke kwenzeke ngokushesh­a.

UXaba ophupho lakhe ngukuba yiphoyisa, uthe bebesisesh­ile isiguli okukholaka­la ukuthi yisona esiqale umlilo ngaphambi kokuthi basivalele sodwa.

UNgqongqos­he wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongisen­i Dhlomo, ubuncomile ubuqhawe nesibindi sikaXaba nabanye abasebenzi abebesizan­a naye.

“Okwenziwe yileli bhungu akukholaka­li – ukubeka impilo yakhe engcupheni ukuze asindise impilo yabantu. Usisize sagwema inhlekelel­e,” kusho uDhlomo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa