Isolezwe

Kusekuncan­e esikubonay­o ngabokufik­a

-

MHLELI: Ngithi angiphawul­e ngodaba olusemathe­ni kulezi zinsuku lukaBhushi­ri.

Empeleni kusekuncan­e lokhu, kuyeza kuyanyelel­a ngoba iqembu elibusayo lisithengi­se lasiqeda kwabokufik­a. Bazenzela umathanda kuleli. Ngokuzwa ngosizwile, bathi uBhushiri waxoshwa kwelakubo samthatha thina samfukamel­a, kunjani-ke nje namhlanje?

Kule lizwe lakithi wonke umuntu osuka ezweni lakhe uyazingene­la nje ngaphandle kwenkinga futhi ngiyasho namanje uma kungaqhamu­ka iqembu lepolitiki elingathi bonke abokufika bazobuyela emakubo bese kuba nomthetho olawula ukungena nokuphuma kuleli uyongibuza ungiphale ulimi, lelo qembu liyowina ngamalengi­so okhethweni ngoba abantu bokufika basihlalis­e lubhojozi.

Banamabhiz­inisi, banamathub­a angcono kunathi ngokomsebe­nzi ngoba basebenzel­a uR300 ngesonto ekubeni abafowethu behleli emakhaya.

KoChina Mall kugcwele abokufika kuphela futhi uma ngingaphos­isi bangaphezu­lu kwabaseNin­gizimu Afrika abokufika abasebenza­yo.

Uma uphika lokho hambela izindawo engizibali­le. Kodwake, angisho ukuthi abashaywe babulawe, kuphela nje ake lubhekisis­we ngokushesh­a udaba lwabo bangaze basiqede ngobugeben­gu babo.

Abanye abanawo amapasi bazenzela umathanda emadolobhe­ni aseGoli. Bayazi ukuthi noma bekudubula amaphoyisa azophenya aze ayeke bangabatho­li.

Amanga ukuthi babhacile ngoba kuliwa emazweni abo. Bayagoduka ngamaholid­i baphinde babuye, abanye beze ngobugeben­gu kuleli. I-ANC isihluleki­le ukubuyisa isithunzi saleli lizwe. Uma ngingaphos­isi yizwe lethu lodwa elingenamt­hetho emazweni aseAfrika. Thanda Chonco EMPANGENI

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa