Banakana bodwa thina kuthiwe kasifundanga
Ntuthuko Alex Mhlongo E-UNDERBERG MHLELI: Kwelakho elibizwa lisabele ngisho emakhaya la ngidabuka khona KwaMhlabuyalingana, eMbazwana, ngithi angikhale nakhu sihlukumezeka kodwa uhulumeni wethu ethi sesikhululekile.
Uma kusenje asiboni noma kukhulunywa ngokuthi sesikhululekile. Uma uhulumeni esadinga amavoti ethu sicela uNgqongqoshe wezoLimo, Amahlathi nokuDoba, uMnuz Senzeni Zokwana, asisize ezinkingeni esibhekana nazo zeminyaka eMbazwana Plantation. Sihlezi sikhala kodwa asinakwe muntu. Sajoyina nezinyunyana iHospersa, PSA, NUPSAW neNehawu ngoba sithi zizosisiza kodwa usizo alubonwa.
Abanye abasebenzi bayashona bashiye izinkinga zabo zingalungisiwe izikhulu zikujabulele lokho. Noma ungafaka isikhalo awunakwa muntu. Thinake esingafundile kuvele kuthiwe asikhohlwe ngoba asifundanga.
Banakana bodwa emahhovisi ngoba befundile. Ezabo izinkinga azithathi sikhathi ukuxazululeka. Uma ungqongqoshe engathumela abaphenyi kuningi esingakukhipha sikuveze ngokungaphatheki kwethu ngendlela kule Plantation.
Sesibekezele, sikhathele ngoba asisazi ukuthi siyonakwa wubani oyobe evelaphi. Amalungelo uhulumeni ayekhuluma ngawo ethi sesikhululekile asiwaboni uma sisabuswa ngesandla sensimbi ngale ndlela.
Ngingathokoza uma ungqongqoshe engeza azolalela izikhalo zethu eMbazwana. Umsebenzi EMBAZWANA PLANTATION