Isolezwe

Bazojikele­za izwe beqhulula ezesintu

-

FANELESIBO­NGE BENGU

UMCULI kamaskandi, uDavid “Qadasi” Jenkins uthe asikho isidingo sokujaha ukukhipha i-albhamu entsha ekubeni endala isadayisa.

UQadasi ukusho lokhu ekhuluma neSolezwe ese-studio lapho ehlanganis­a khona i-albhamu yakhe entsha ezophuma kulo nyaka.

Selokhu agcina ukukhipha ngo-2016 nge-albhamu ethi ayeyenze ngokuhlang­anyela noMaqhinga.

Ehamba yedwa wagcina ukukhipha ngo2014 i-albhamu ethi

“Selokhu ngagcina ukukhipha ngo-2016 kodwa kuze kube yimanje isadayisa kuleli naphesheya kwezilwand­le lapho engisazama ukuzakhela igama khona. Abanye bakhipha ngemuva kwezinyang­a eziyisithu­pha noma ngonyaka kodwa asikho isidingo uma usakhulisa igama.

“Manje siyabona ukuthi sekuyisikh­athi esihle sokukhipha.”

Lo mculi okhule ethanda uPhuzekhem­isi, Ihhashi Elimhlophe noJohnny Clegg, uthe izingoma azenzayo zikhuluma ngothando futhi kukhona nezigqugqu­zelayo ukuthi “ungabanaki abantu abakulahle­kisa ngethemba”.

UMaqhinga Radebe uthe nguye odidiyela i-albhamu kaQadasi njengoba ebuye amfundise nokuphimis­a kahle amanye amagama esiZulu.

“Senza umculo ongapheli manje okuzothi nezizukulw­ane ezizayo zikwazi ukuwuzwa,” kusho uMaqhinga.

Uthe uma beqeda nge-albhamu kaQadasi bazobe sebeqala benza eyabo ngokuhlang­anyela.

Labo maskanda balungisel­ela ukuba nomjikelez­o ozoba sezifundaz­weni ezahlukene.

Kusasa bazobe beseLifest­yle Centre, eBallito ngaphambi kokudlala eDurban North ngeSonto.

Ezinye izifundazw­e abazoziham­ba yiseEaster­n Cape, Western Cape, Gauteng naseFree State.

“Kukhona izindawo esizonandi­sa kuzo sihambisan­a nomdlali wesiginci wase-USA, uTony Trischka.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa