Irekhodi alisho lutho emdlalweni womkhaya: Xola
INJINI ye-Orlando Pirates, uXola Mlambo, ibona ukudlalela ukuzibonakalisa kumqeqeshi kwabadlali beChiefs, kuzoba yinselelo kweZimnyama uma sebebhekene emdlaweni womkhaya.
IPirates izovakashela iChiefs emdlalweni womkhaya we-Absa Premiership eFNB Stadium kusasa ngo-3.30 ntambama. EZimnyama seziyehlule kathathu iChiefs kulandelana.
Ziyithele isibhaxu ngasekupheleni kwesizini edlule kusaqeqesha uSteve “Mphathi” Komphela. Kulena, eZimnyama, ziwine kabili Amakhosi eqeqeshwa nguGiovani Solinas okhonjwe indlela ngoDisemba. Ukufika kuka-Ernst Middendorp kuyivusile iChiefs esikhombisa ukuhlangana.
UMlambo ukholwa wukuthi ukushintsha kwezandla eNaturena yikhona okuzokwenza ukuthi umdlalo wabakhaya wakusasa ujiye uma kuqhathaniswa nedlule.
“Ngokwami, kuzoba wumdlalo wabakhaya onzima. Sesidlale nabo kathathu, sawina kuyona yomithathu. Bazoza benomfutho ngoba bafuna ukuzibonakalisa kumqeqeshi omusha futhi badlalela ekhaya. Kufanele sisebenze kanzima ngokuphindiwe kunakuqala uma sifuna ukuwina. Yibona okufanele beze kithina kodwa lokho akushintshi lutho,” kusho uMlambo.
“Irekhodi alisho lutho emdlalweni wabakhaya. Njalo uma udlala owabakhaya kuhlala kungohlukile, uhlala ufuna ukuwina. Uhlala ufuna ukusebenza ngokuphindiwe. Ukubhekana neChiefs ngeke kube lula ngoba yenza kahle futhi inomqeqeshi omusha abadlali abafuna ukuthatha iso lakhe.”
IPirates ihambela phezulu kulandelana ukushaya into ecokeme ibhekene ne-Esperance yaseTunisia emdlalweni we-CAF Champions League ophele zibambene ngo 0-0. IChiefs ikhishwe ingakangeni esigabeni samaqoqo seCAF Confederation Cup.
Nokho uMlambo ukuphikile ukuthi bangcono kuneChiefs nakuba sebeyihlule kulandelana, wathi akukho ukuzithwala ekhempini yabo.
“Uma ubheka irekhodi labo, benza kahle. Badlulele emzuliswaneni olandelayo weNedbank Cup, thina siphumile. Lokho kusho lukhulu ngebhola ukuthi ngeke uziqhathanise izimo,” kusho uMlambo.
“Akukho ukuzithwala eqenjini, esengike ngakuqaphela. Asisoze sazithwala ngaphandle uma kuwukuthi lowo mdlali usendaweni engafanele. Uma udlalela iqembu elikhulu njengePirates kufanele uhlala ushaya into ecokeme, kufanele uhlale uzinikele ukunikeza u-110%.”
Ngakolunye uhlangothi, uMiddendorp okhuza ibuya eNaturena, akakaze ahlulwe yiPirates eqeqesha iChiefs. Egcina ukubhekana nePirates ngo-2006, yayiqeqeshwa uMilutin “Micho” Sredojevic ozophinde abe sebhentshini leZimnyama kusasa.
Kulo mdlalo zadlala ngokulingana ngokulingana ngo 1-1. Kulo mdlalo iphini likaMiddendorp, uShaun Bartlett, lashayela iChiefs igoli lokulinganisa seliyoshona ilanga. ILog ye-Absa Premiership Amaqembu P W D Wits 19 11 4 Sundowns 17 9 7 Pirates 18 8 8 C T City 18 8 6 Celtic 19 8 4 Chiefs 19 7 6 Polokwane 17 7 6 SuperSport 18 7 5 Arrows 19 5 9 Highlands 19 4 10 AmaZulu 19 7 5 Leopards 19 5 5 Baroka FC 19 3 8 Chippa 19 3 7 Free State 18 4 4 Maritzburg 19 1 8 Pirates 2 – Chiefs 1 Pirates 3 – 1 Chiefs Chiefs 0 – 0 Pirates 2016/17: Chiefs 1 – 1 Pirates Pirates 0 – 0 Chiefs L 4 1 2 4 7 6 4 6 5 5 7 9 8 9 10 10 F 28 22 26 29 21 23 22 17 18 22 22 18 14 14 15 6 A 15 11 17 21 16 18 19 16 18 22 24 28 20 22 29 18 Pts 37 34 32 30 28 27 27 26 24 22 20 20 17 16 16 11 Pirates 2- 0 Chiefs (Nedbank Cup) Pirates 1 – 1 Chiefs Chiefs 0 – 0 Pirates (IChiefs yawina kumaphenathi kwiTelkom Knockout) Chiefs 1 – 3 Pirates 2014/15: Chiefs 0 – 0 Pirates
Maritzburg United v Polokwane City (Harry Gwala Stadium, 8pm)
Kaizer Chiefs v Orlando Pirates (FNB Stadium, 3.30pm); Highlands Park v Bidvest Wits (Makhulong Stadium, 3.30pm); Free State Stars v Chippa United (Goble Park, 6pm); AmaZulu FC v Cape Town City FC (King Zwelithini Stadium, 8.15pm)
Baroka FC v Bloemfontein Celtic (Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Golden Arrows v SuperSport United (Sugar Ray Xulu Stadium, 3.30pm)