Unemibuzo ngecala abalithweswe yiPSL
UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, unemibuzo engaphenduleki ngecala abalithweswe yiPremier Soccer League (PSL) elithinta umdlali wasemuva uWayne Arendse.
ISundowns bekulindeleke ukuthi ivele phambi kwekomiti eliqondisa ubugwegwe lePSL ngoLwesithathu kodwa kwahlehliswa. Ibekwe icala lokudlalisa u-Arendse kungafanele nokwenzeke bebhekene neBidvest Wits.
Ngokusho kwePSL, iSundowns iphule umthetho u-16.3.2 othi akekho umdlali okufanele adlale obekade engabhaliwe ohlwini lwabazodlala ngalolo suku. ISundowns ilande u-Arendse phezulu kubalandeli, yamdlalisa emuva kokuthi kulimale uThapelo Morena iqembu lisazifudumeza. Ibhekene nokuphucwa amaphuzu uma ilahlwa yicala.
UMosimane uthe kuningi angakuqondi ngecala. Ubekhuluma emuva kokuthi ezakhe zibhaxabule iBlack Leopards ngo 3-0 emdlalweni we-Absa Premiership eLoftus Versveld Stadium ngoLwesithathu ebusuku.
“Engikwaziyo wukuthi sabuza i-match commissioner ukuthi singakwenza yini. Angisho ukuthi kulungile. Angisho ukuthi kulungile uma ucela. Yavuma, yasayina. IWits ayibanga nankinga. Manje sewuphule umthetho? Angazi noma i-match commissioner iyayazi imithetho. Angazi noma yenza iphutha. Angazi nje. Ngifuna ukuyibona le nto ngoba ngaphandle kwesiqiniseko, akukhona okokuqala kwenzeka. Uma uphenya kahle, ubukisisa, kwake kwenzeka.
“Ngesikhathi kwenzeka asikubonanga kodwa okweSundowns sikutholile. Angisho ukuthi kulungile. Uma kungafanele, akufanele. Kodwa i-match commissioner angithi inebhuku lemithetho? Ibhuku elishoyo ukuthi awukwazi ukwenza lokhu, uzojeziswa. Ucabanga ukuthi singazibeka kuleyo ngozi? Futhi neWits ibingasifaka isimangalo kodwa ayikwenzanga lokho,” kusho uMosimane.
Uphinde waveza ukuthi naye uqobo usanda kubizelwa ekomitini eliqondisa ubugwegwe ngenkulumo ayenza ngesizini edlule. Ugxeke isikhathi esiqokwayo sokuqulisa amacala.
“Ngaphambi komdlalo waMaZulu ngezithuba zabo 10 kuya ku-11 ngangisemahhovisi eligi. Bengiquliswa ngento eyenzeka uPercy Tau esadlalela iSundowns, u-Eric Tinkler esengumqeqeshi weSuperSport United. Angisazi nokuthi ngangitheni. Angisho ukuthi kwakufanele ngikusho noma cha,” kusho uMosimane.
“Kungani kwenzeke ngaphambi komdlalo naMaZulu? Isikhathi esiqokiwe...olunye udaba lolo. Manje olunye udaba, sizophucwa amaphuzu. Ngaphambi komdlalo neBlack Leopards? Kade beyephi abantu? Ngesizini edlule pho? Simatasa ngaleyo ndlela? Kwenzekani? Sengihlale iminyaka emibili ngaphandle kwecala. Kade ngiziphethe kahle. Ngafika laphaya ngabuza ukuthi uTinkler? ISuperSport? Yinto yanini leyo? Bathi awusakhumbuli? Kodwa-ke yilokho engibhekane nakho, ngahlawuliswa. Isikhathi esiqokwayo asilungile. Angisho ukuthi asingaquliswa. Kodwa kungani kwenzeke manje? Kunesikhathi samasonto amathathu sokuqulisa abantu amacala. Ngabe kungenxa yamaholidi? Kodwa kufanele sigxilise imiqondo yethu. Ngesizini edlule kade sisesimeni esifanayo singazi noma i-Ajax izophucwa amaphuzu noma cha.”
ISundowns ilibangise e-Ivory Coast izolo lapho izobhekana khona ne-Asec Mimosas emdlalweni we-CAF Champions League ngoLwesibili ngo-4 ntambama.