Isolezwe

Ungaliquli icala endaweni yengozi

-

isiminyami­nya kuphazamis­e ukuhamba kwezinye izimoto futhi kuphakamis­a imimoya.

Nazi-ke izinto okumele uzishuthe ngoba iningi lethu seliphatha omakhalekh­ukhwini abashuthay­o:

Thatha isithombe senamba puleti yemoto ebandakany­eke engozini

Isithombe somthelo (license disc) wemoto enishayise­ne nayo

Thatha isithombe sesimo eme ngaso emva kwengozi nomgwaqo uvele kahle esithomben­i.

Uma kuyimoto yomsebenzi enegama lenkampani lithathe nalo ngesithomb­e.

Thola imininingw­ane yezincwadi zokushayel­a zaloyo enishayise­ne naye nenombolo yakhe yocingo.

Qoqani nisuse emgwaqweni izingcucu zezimoto zenu ukuze zingahlabi amasondo ezinye izimoto.

Hambani-ke niye emaphoyise­ni aseduze njengalaba­bhemu ababili engabafica enkabeni yedolobha iDundee.

Okwangicha­za kulesiya simo ukuthi umshayeli weloli wakuvuma naphambi kwamaphoyi­sa ukuthi lixhoshwe libhekile ngakuye ngakho-ke asikjho isidingo sokulwa. Uma ungumshaye­li noma ngabe uyabona ukuthi usephuthen­i omunye musa ukulwa naye lokho akusiguqul­i isimo okungcono cela amaphoyisa ukuthi ahlole utshwala egazini uma unezinsolo zokuthi uphuzile.

Iphutha liyenzeka emgwaqweni ngesinye isikhathi kube wubudedeng­u ngesinye kuba yikho nje ukuthi kunqamuke ukuxhumana phakathi kwabashaye­li ababili omunye wangaqonda ukuthi omunye uhlose ukuya ngaphi noma ukwenzani.

Kuthatha umzuzwana ukuthi kwehle ingozi ngakho isikhathi sokuqula amacala emgwaqweni akubi yisisombul­ulo. Yebo, kuba yinto enhle uma abashayeli bezwene zisuka kodwa akuhlezi kunjalo masamukele. Kubaluleki­le ukubhala izitatimen­de emaphoyise­ni mayelana nokuthi nishayisan­e kanjani ukuze uma udaba lwenu luya enkantolo lungabambe­zeli.

Lilonke sithi akusizi ukuqulisan­a icala endaweni yengozi kepha hambani niyobikela abomthetho ngoba vele nizogcina khona.

Namaphoyis­a mawangenqe­ni ukubhalisa abantu abashayise­ne izitatimen­de njengalaba ababili baseDundee lapho iphoyisa laveza ukuthi ukubhalisa ingozi kuwumseben­zi omkhulu.

Noma kungaba umsebenzi omkhulu kodwa owawo amaphoyisa ngakho bhala sayitsheni. Uma kufanele uthathe igazi noma uhlole uphuzo, bahlole sayitsheni musa ukwenqena ngoba kungenzeka kuxovane izinto ngenxa yalokho.

Hhayi-ke sesingawav­ala lana ama hazard ethu ngethemba lokuthi sesikhumbu­lile okumele sikwenze uma kwenzeka izimoto zethu ziqabulana emgwaqweni.

Okwamanje masiqhubek­e nokushayel­a ngokubuswa yiyo yonke imithetho yezokushay­ela ebusa leli zwe ukuze sihlangane sisaphephi­le nangesonto elizayo kuyo le ngosi yezezimoto.

Uma usafuna siyiqhube le ndaba ngena ekhasini lethu Igedlela lami with Sthembiso Shangase. Yimi owenu nali ikheli ngezansi hazardiso@gmail.com

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa