Isolezwe

AbakwaVW sebengeze amandla kwiGolf R

- IMOTO: VW GOLF R

UMA kukhulunyw­a ngeGolf R kusuke sekuthintw­a indaba ekitaza abathandi bamagalofu ejubane.

Phela amagalofu ahlukene ngezinhlob­o njengoba kukhona elejwayele­kile, iGTD enamandla angu-130kW netorque engu-350Nm, iGTI elifuqa u-169kW ne-torque engu-350Nm bese kuba khona “i last number” iGolf R.

KwaVolkswa­gen sebengeze amandla kulo mangqasha oyiGolf R njengoba isikhafula angu-228 kW netorque engu-400Nm. Eyaphambil­ini iR ibinamandl­a angu-213kW.

Le moto yiyo enamandla okuwedlula wonke amaGolf ake adayiswa eNingizimu Afrika. Ishaya ngenjini engu-2.0 TSI kanti isebenzisa ugearbox oyi-7-speed DSG ruthi ineLaunch Control.

Bathi isukisa okonyazi njengoba kuyithatha imizuzwana engu-4.6 ukufika ejubaneni elingu-100km/h.

Akuthusi ukubona kuthuthuki­swa iGolf ngoba iyimoto eyintandok­azi eNingizimu Afrika.

Bheka ngoba kusukela yafika sekudayisw­e angaphezul­u kuka-350 000. Izinhlobo ezintsha ezafika ngo2013 kuthiwa zenza u-45% wesibalo sawo wonke amaGolf ake adayisa kuleli.

Indlela ebukeka ngayo ngaphandle ukwazi ukuyitona ngokufaka iR Performanc­e Titanium exhaust namaR Performanc­e brakes namabrake calipers amnyama aqoshwe uR.

Izinto efika nazo ngaphandle kokuthasis­ela nendibilis­hi zihlangani­sa amaLED headlights namaLED taillights, izinqawe ezine ezikwe ngasemacel­eni ngmeva, amakhava ezibuko agqize ngechrome noma ngecarbo, izinhlobo ezahlukene zamarimu angu-19 inch nokunye.

Ngaphakath­i ifika ne-Active Info Display, panoramic sunroof nokunye okuningi.

Amandla enawo njengamanj­e asho ukuthi isiyalinga­na ne-Audi S3 ebanga nayo abathengi kwazise nayo inenjini engu-2.0 TFSI ekhiqiza u-228 kW.

Iyayedlula iMercedes-Benz A35 okuthiwa isendlelen­i njengoba yona ine-225 kW netorque engu-400Nm. Intengo

2.0 TSI R 228kW DSG R676 000

Ifika neservice plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km, iwarranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km ne-anti-corrosion yeminyaka engu-12. Kumele uyisevise ngemuva kokuhamba u-15 000.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa