Isolezwe

Isikhulu seTheku sivuma amacala ethenda

- KAILENE PILLAY

ISIKHULU esiphezulu kuMkhandlu weTheku, uMnuz Sibusiso Vilane, sesenze isiphakami­so kumasipala sathi sizowavuma amacala okungaziph­athi kahle nobudedeng­u odabeni lwethenda yamathoyil­ethi kaR36 million.

UVilane uthe uyazisola ngesenzo sakhe, wengeza ngokuthi usazimisel­e ngokuqhube­ka nomsebenzi wakhe wokuhambis­a izidingo kubantu.

Kwisiphaka­miso sakhe, uVilane oyiPhini leNhloko oPhikweni lokuThuthw­a kweNdle kuMasipala, uthe yayingekho inhloso yokukhwaba­nisa imali yomkhandlu, wengeza ngokuthi uhlelo lwamathoyi­lethi lwaba yimpumelel­o.

Uthe uma umkhandlu usamukela isiphakami­so sakhe sokuvuma icala, uzovuma ukuthi amiswe izinsuku ezingu 10, angazihole­li noma anganyusel­wa umholo unyaka wonke.

UVilane igama lakhe liyavela embikweni okhishwe wuphiko oluphenya ngenkohlak­alo nokukhwaba­nisa emkhandlwi­ni obelupheny­a ngethenda yokwakhiwa kwamathoyi­lethi abenzelwa emiphakath­i, akhiwa nasezikole­ni ezindaweni okubalwa kuzo KwaXimba naKwaNyusw­a.

Iphephanda­ba i-The Mercury, elisesiteb­eleni esisodwa neSolezwe labika kabanzi ngalolu daba emuva kokuphutsh­uka kombiko.

Umbiko wawuveza ukuthi ayengekho amathoyile­thi ayesakhiwe ngesikhath­i okwakumele ukuthi ayesekhona ngaso kodwa umkhandlu wakhokha.

Izinkampan­i ezithintek­ayo iMagubane Plant and Contractor­s, Uhlanga Trading Enterprise, Soundrite Sound ne-Temblos SA. Uphenyo lwaqala ukwenziwa emuva kokuthi kwabakhona umuntu owafona wabika ngalolu daba.

UVilane ubehlale eziphika lezi zinsolo, ephika nokuthi osonkontil­eka banyusa imali yomsebenzi.

Okhulumela uMkhandlu weTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe ngeke akwazi ukukhuluma ngalolu daba ngoba luphakathi komqashi nomqashwa.

UVilane uthe uzovuma ukuthi waba budedengu, wathi abakhokhel­we osonkontil­eka engazange aqinisekis­e ukuthi umsebenzi wenziwe ngempela yini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa