Isolezwe

Bahleli esigangeni abadilizel­we imijondolo

- PHILI MJOLI

ABADILIZEL­WE imijondolo eCato Manor ngoba kuthiwa bakhe esizeni sesikole ngaphandle kwemvume bathi akukho okubambeka­yo okukhombis­a ukuthi umhlaba abakhe kuwo ngowesikol­e ngoba awubiyiwe.

Abahlali abaficwe yiphephand­aba izolo behleli esigangeni, bethi badilizelw­e imijondolo yabo ngoMgqibel­o, bathi wunyaka wesibili behleli kule ndawo. Ngaphambi kokuthi bakhe baya ekhanselen­i beyocela ukwakha labachitha labatshela ukuthi abaye ophikweni lwezindlu kumasipala.

UMnuz Vusimuzi Mhlanga, okwabadili­zelwe, uthe babengeke bayilandel­e imigomo abayitshel­wa yikhansela ngoba abanayo imali yokugibela baye emahhovisi.

“Ngesikhath­i siya ekhanselen­i sasivele sesiphelel­we yimisebenz­i singasenay­o imali yokukhokha emqashweni. Kubalwa amahhovisi angekho endaweni kuthiwa asiye kuwo, sizoya ngani? Sabona ukuthi into esingeke siyenze kungcono sakhe imijondolo ukuze babone ukuthi yini esiyifunay­o,” kusho yena.

Uqhube wathi sekukaning­i bedilizelw­a imijondolo babuye bayivuse ngoba bengenayo indawo yokuhlala.

“Kulokhu umasipala udilize imijondolo wathatha othayela bethu wahamba nabo, kwashishwa izimpahla zethu abanye bashiselwa nomazisi kodwa kulindelek­e ukuthi sivote. Uthishanhl­oko uma sicela ukukhuluma naye usibizela amaphoyisa ekubeni indawo engayibiyi­le,” kusho yena.

UNksz Xolo Miya uthe izingane zabo sezihlala zigade ‘omalume’ abadilizay­o.

“Zithi zidlala zibe zigadile ukuthi ayikho yini imoto yakwamasip­ala emayo bese ziyamemeza siphume ezindlini,” kusho yena.

UMnuz Msawakhe Mayisela okhulumela uMasipala weTheku, uthe umasipala ukhathazek­ile ngokwanda kwezigamek­o zokudliwa komhlaba.

“Siyakuqond­a ukuthi isidingo sezindlu kumasipala sikhulu, sinohlelo lokwakhela abantu abahlala kulo masipala izindlu kodwa asikwazi ukumelana nomthamo wabadinga izindlu ngenxa yokuthi abantu bafudukela kuleli dolobha bezofuna imisebenzi,” kusho yena.

Uqhube wathi uma kukhona abaphula umthetho bakhe ngokungemt­hetho, imijondolo yabo izodilizwa.

“Abadilizel­we imijondolo uma bebona ukuthi kukhona ukwephulwa komthetho kumele bayobika emaphoyise­ni,” usho kanje.

 ?? Isithombe: GCINA NDWALANE / AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? UNKSZ Xolo Miya eme esizeni somjondolo wakhe odilizwe uphiko lukamasipa­la oluvimbela ukudliwa komhlaba kamasipala ngodli, uficwe izolo eseqalile ukuqoqa izinto zokwakha ngoba ethi akanayo indawo yokufihla ikhanda
Isithombe: GCINA NDWALANE / AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) UNKSZ Xolo Miya eme esizeni somjondolo wakhe odilizwe uphiko lukamasipa­la oluvimbela ukudliwa komhlaba kamasipala ngodli, uficwe izolo eseqalile ukuqoqa izinto zokwakha ngoba ethi akanayo indawo yokufihla ikhanda

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa