UZikalala ugxeke ukungcofana
USIHLALO we-ANC KwaZuluNatal, uMnuz Sihle Zikalala, uthi ukuqagulisana ngamazwi kwabaholi ezinkundleni zokuxhumana akwamukelekile futhi kumele kunqandwe.
UZikalala uphawula kanje ngemuva kokuthi obenguMengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma neNhloko yoKhetho kwi-ANC, uMnuz Fikile Mbalula basanda kuphendulana ezinkundleni zokuxhumana.
Lokhu kwenzeka ngemuva kokuthi uMbalula esole uZuma ngokuthi wenza imisebenzi okumele ngabe yenziwa nguMengameli Cyril Ramaphosa ngokuhambela umcimbi wokukhumbula Isilo saBapedi, uKgosi Mampuru 11, eLimpopo ngasekupheleni kwenyanga edlule lapho efike khona wathula khona inkulumo.
UZuma naye osanda kuba nekhasi lakhe le-Twitter, akazange azibeke phansi umphendulile uMbalula.
Ekhuluma nabezindaba ngemuva kokwethula inkulumo yakhe kwiLekgotala ye-ANC KwaZulu-Natal eCoastlands Hotel eThekwini izolo, uZikalala uthe udaba lukaZuma noMbalula baluxoxile njengobuholi besifundazwe kodwa banquma ukuthi kumele lusetshenzwe ubuholi bukazwelonke.
“Akubukeki kahle ukuthi abaholi baphendulane ezinkundleni zokuxhumana, zibe zikhona izinhlaka zangaphakathi abangaxoxisana kuzo,” kusho uZikalala.
Uthe uZuma noMbalula bangamalungu e-ANC futhi balawulwa yimigomo yenhlangano.
“Indaba yabaholi abaya kwabezindaba noma ezinkundleni zokuxhumana bazame ukuqondisana ubugwegwe khona ayifanele, isehlakalo sakamuva lapho uqabane uMbalula nobenguMengameli uZuma bephendulane ezinkundleni zokuxhumana ezinye zalezo zinto esingazilindele.
“Uma kukhona umuntu owenza okungafanele kumele abizelwe ezinhlakeni ezifanele zeqembu,” kusho uZikalala.