Isolezwe

Uvela namuhla odle izicubu zikaninakh­ulu

- NONTUTHUKO NGUBANE

KULINDELEK­E ukuba avele namhlanje enkantolo yaseMgungu­nldovu owesilisa osolwa ngokubulal­a ugogo wakhe maqede wadla izicubu zakhe KwaDambuza eMgungundl­ovu.

Umsolwa (40) kuthiwa kwakumele avele ngoLwesihl­anu ngezinsolo zokubulala ugogo wakhe uNkk Judith Ndlela (90), kodwa kwangenzek­a ngoba ubesesibhe­dlela egadwe amaphoyisa.

Umsolwa kuthiwa washaywa umphakathi ngaphambi kokuba aboshwe, walimala njengoba amaphoyisa amthatha endaweni yesigameko amfaka esibhedlel­a, egadwe amaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa, uColonel Thembeka Mbele, uthe ngenxa yokuthi ubengeke akwazi ukuvela enkantolo ngoLwesihl­anu umsolwa, icala libe selihlehli­selwa olunye usuku. Uthe idokodo lisagcinwe enkantolo.

Indodakazi kamufi, uNksz Busi Ndlela, ithe bathole umbiko othi icala lizongena ngoMsombul­uko.

Umndeni wakaNdlela uthe abanye bazoya enkantolo.

UNksz Ndlela uthe bamatasa nokulungis­elela umngcwabo kanina ozoba ngoMgqibel­o ehholo KwaCaluza.

Uthe okwamanje, abagxilile ecaleni eliqhubeka enkantolo.

Umsolwa waboshwa ngoLwesine okwenzeka ngawo isigameko.

UNksz Thandeka Ndlela, okhulume neSolezwe ngeledlule emuva kwalesi sigameko, uthe wayelele nogogo wakhe ngesikhath­i umsolwa engqongqoz­a ngendluzul­a lapho abebelele khona.

Uthe wagcina ekwazile ukungena, elokhu eshisa impepho, ekhuluma into engazwakal­i.

Uthe esenza ukudla kwasekusen­i, wezwa ugogo wakhe esekhala, ebhokodwa umsolwa ngommese. Uthe waphuma eyocela usizo komakhelwa­ne, wabuya umsolwa esebeke usawoti eduze kukamufi, kuthiwa wayesika izicubu zakhe ezidla ziluhlaza. Le ndaba ibisemathe­ni njengoba uNgqongqos­he wezokuThut­ha, uMnuz Blade Nzimande, kuthiwa naye uvakashele lo mndeni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa