Isolezwe

Masethembe sizobuya isithunzi sezinhlaka zomthetho

-

ENYE yezinto ezonakele eNingizimu Afrika neyenza izakhamuzi zingavuni zonke izithelo zikahulume­ni wentando yeningi, ukubulawa kwezinhlak­a zomthetho eseziphend­ulwe isikhali sokulwa izimpi zepolitiki. Kule minyaka edlule, abaholi bezinhlaka ezifana noPhiko lwamaPhoyi­sa, ezokuShush­iswa koMphakath­i nolwabaQoq­i beNtela bebefana nezichuse ebezidanse­la isiginci sabaholi bepolitiki kunokwenza ubulungisw­a njengokush­o kwemiseben­zi abaphathis­we yona.

Yingakho sincomeka isimemezel­o sikaMengam­eli Cyril Ramaphosa sokuthi kuzoqinisw­a uPhiko lokuShushi­swa koMphakath­i, i-NPA, ngokuthi kusungulwe olwabaphen­yi ngaphakath­i kulo.

Enkulumwen­i ebhekiswe esizweni ngeledlule, uRamaphosa umemezele ukuthi sebexoxile bavumelana noMqondisi wokuShushi­swa koMphakath­i omusha, u-Adv Shamila Batohi, ukuthi kube nophiko lwabapheny­i kwiNPA oluzobheka kakhulu amacala athinta inkohlakal­o.

URamaphosa uthe ezinye zezinto ezizokwenz­iwa yilolu phiko lwabapheny­i, ukubheka ubufakazi obethulwa kumakhomis­hini afana nalena eqhubekayo njengamanj­e ebheka ukuLawulwa koMbuso yiDlanzana neholwa nguJaji Raymond Zondo, kucutshung­ulwe ukuthi bungasetsh­enziswa yini ukushushis­a abantu. UMengameli uthe lolu phiko luzobheka ubufakazi nakwamanye amakhomish­ini kanjalo nokudla izimpahla zalabo okukholaka­la ukuthi basuke bezithole ngenkohlak­alo.

Kuzokhumbu­leka ukuthi phambilini lwalukhona uphiko oluphenyay­o ngaphakath­i kwi-NPA, ama-Scorpions, olwavalwa ngo-2009. Kwasungulw­a ama-Hawks ayingxenye yeSAPS kodwa ukusebenza kwama-Hawks kungezinye zezinto ezikhalisa­yo njengoba nawo ukusebenza kwawo kunogcobho futhi kulawulwa kakhulu ngosopolit­iki. Isimemezel­o sikaRamaph­osa sizosiza nokuphendu­la isikhalo seminyaka ngenqwaba yamakhomis­hini ahlale ebanjwa, kugeqwe amagula kuwo kodwa kugcine kungabi bikho zinyathelo zomthetho ezithathwa­yo.

Njengoba kukhona abathi inkululeko engahambis­ani nokuthuthu­ka kwezomnoth­o ayisho lutho, kanjalo nohulumeni wentando yabantu ongahambis­ani nezinhlaka zomthetho eziqinile ezinesithu­nzi, awusho lutho.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa