Uphikisa abezindaba owePolokwane
‘AKUSIKHO konke okushiwo ngoRamagalela ngabezindaba okuliqiniso, ngoba okushiwoyo nokwenzakalayo akufani’.
Lokhu kushiwo umqeqeshi wePolokwane City, uJozef Vukusic, ephendula imibuzo ngemibiko yokuhlukunyezwa kukaRodney “RamaG” Ramagalela kwiRise and Shine njengoba engadlaliswa ngemuva kokwenqaba ukusayina inkontileka entsha naleli qembu.
URamagalela uqome ukusayina inkontileka yesibambiso neHighlands Park azoyijoyina ngoJuni. Inkinga abhekene nayo nokho njengamanje ukuthi uzobe enzani kuze kube uJuni njengoba abaphathi bePolokwane bempheke ngebhojwana? Bengafuni ukumdlalisa ngenxa yokuthi wagoloza ukusayina inkontileka neRise and Shine?
Ngokusho kukaVukusic, lo mgadli oke wadlalela iMamelodi Sundowns, akaziqeqeshi neqembu futhi useze wamkhipha nasezinhlelweni zakhe, njengoba esesayinise uCharlton Mashumba odume kwiJomo Cosmos.
“Angikwazi empeleni ukuphawula ngodaba lukaRamagalela kodwa engingakusho ukuthi akaziqeqeshi neqembu, sekuphele amasonto. Lokho kusho ukuthi ngeke ngikwazi ukumsebenzisa. Yingakho sithenge uMashumba, esibheke kuyena amagoli. Okwami njengomqeqeshi, ukusebenza nabadlali abakhona kwaphela,” kusho uVukusic obebonakala nasebusweni ukuthi ayimphethe kahle le ndaba.
Ebuzwa ukuthi ukuxhumana phakathi kwakhe (njengomqeqeshi) kungakanani nabaphathi beqembu, nesizathu empeleni esenza angadlali uRamagalela, ushone ezintangeni uVukusic.
“Le mibuzo eniyibuzayo angicabangi ukuthi niyibuza umuntu ofanele. URamagalela akayisayinanga nami inkontileka kodwa wayisayina nabaphathi beqembu. Nguyena umdlali okhethe ukungaziqeqeshi ngezizathu zakhe. Kodwa engingakusho ukuthi okuphuma kwabezindaba akukona konke okuyiqiniso. Okushiwoyo akufani nokwenzeka eqenjini,” usho kanje uVukusic ngemuva kokuthola kwezakhe isibhaxu sika 3-1, zishaywa iMaritzburg United ngoLwesihlanu.