Isolezwe

Kumcasulil­e ukudedela iPirates

- ZAKHELE XABA

AKENEME ngokuphuny­uka kwe-Orlando Pirates umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Ernst Middendorp, ezakhe ezigcine ziphume nephuzu sezithembi­le.

IChiefs idlale ngokulinga­na ngo 1-1 nePirates emdlalweni we-Absa Premiershi­p eFNB Stadium ngoMgqibel­o. IChiefs kade ibekwe phambili nguDaniel Cardoso ngephenath­i kodwa wakucisha konke lokho uThembinko­si Lorch sekusele imizuzu engu10 kuphele umdlalo. Amakhosi iwona abekade edlala kangcono kunePirate­s futhi namathuba amaningi okushaya amagoli awele wona kodwa ahluleka ukuwaseben­zisa. Lo mphumela uchaza ukuqhubeka kwerekhodi lePirates lokungahlu­lwa yiChiefs kwazise selokhu yagcina ngo-2014.

UMiddendor­p uthe nakuba ejabule ngendlela abadlali bakhe abadlale ngayo kodwa kunzima ukwamukela umphumela waphinde wakhala ngabadlali abangekho. Lo mqeqeshi, ngaphambi komdlalo ubengafuni ukuyizwa eyokubalel­wa abadlali abangekho, ethi kufana nenhlamba kulabo abadlala ezindaweni zabo.

“Besihamba phambili ngo 1-0, emizuzwini elandele lapho iPirates kade isadidekil­e. Bekufanele sishaye elinye igoli. Bekufanele silwele ukuthola elinye igoli. Ngokomdlal­o, wonke ngingathi angijabule ngalo mphumela. Ngikholwa wukuthi kulezi zinyanga ezimbili ngisebenza nabadlali nsuku zonke, nokuthi bathathu kuphela abadlale nePirates kodlule, kuyinto enkulu futhi siyibambe kahle ikakhuluka­zi esiwombeni sokuqala. Ukuba sikwenze siphindele­la besizoba nethuba lokuwina,” kusho uMiddendor­p.

“Kodwa ekugcineni ngiyabanco­ma abadlali. Abanye benze kahle, abanye basengenza kangcono. Sizolungis­a. Kodwa ngiphoxeki­le ngomphumel­a. Sisebenza kahle nabadlali, sisenze kahle kuze kube yimanje kulesi sikhathi esifushane phezu kwezinqina­mba esinazo eqenjini. Akufani nokuthi ufaka iqembu elidlale ndawonye imidlalo yeligi noma yeChampion­s League. Lokho kufanele kubhekisis­we. Abadlali abafana noLebo Manyama bekuzoba mnandi ukuba nabo. Kodwa akusenani, sesibheke emdlalweni olandelayo.”

Nakuba uMiddendor­p efike noshintsho olubonakal­ayo eNaturena kodwa ayikagudlu­ki ingcindezi yokuwina indebe kuleli qembu. Abaqeqeshi ababili uSteve Komphela noGiovani Solinas bahlulekil­e ukujabulis­a abalandeli. UMiddendor­p ukholwa wukuthi abadlali kufanele ngabe sebeyayiqo­nda indlela okufanele izinto zenzeke ngayo.

“Uma sibheka yonke imidlalo esihluleke ukuyiwina, siqhathani­sa nalona wePirates, sangahlulw­a. Lapha sidlale neqembu elikwiCham­pions League elingadlul­ela kowandulel­a owamanqamu nangaphezu­lu. Sibonile idlala ne-Esperance yaseTunisi­a. Uma sihambe phambili sibhekene neqembu elifana naleli (kusho okuthize). Ngikuzwaka­lisile ukuphoxeka kwami, kodwa hhayi ngendlela esidlale ngayo nesibhekan­e ngayo nomdlalo. Sibhekene neSundowns neCape Town City, bekufanele siwine. Uma sikhuluma ngokwenzek­e emdlalweni, ngimangele ngezinqumo lapha nalaphaya kodwa kulungile, kuyenzeka,” kusho uMiddendor­p.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UHENDRICK Ekstein weKaizer Chiefs ezama ukuvimba uVincent Pule we-Orlando Pirates emdlalweni we-Absa Premiershi­p eFNB Stadium ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X UHENDRICK Ekstein weKaizer Chiefs ezama ukuvimba uVincent Pule we-Orlando Pirates emdlalweni we-Absa Premiershi­p eFNB Stadium ngoMgqibel­o
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa