Isolezwe

Impi yamazwi kwabengoma iBanomoya

- NOKUBONGWA PHENYANE

INKULU impi yamazwi ezinkundle­ni zokuxhuman­a phakathi kwezinsizw­a ezenze izingoma ezijabulis­e abantu kuleli, uPrince Kaybee(Kabelo Motsamai) noNkazimul­o Ngema odume ngelikaTNS, nosekuvele ukuthi umbango ophakathi kwabo uthinta imali yezingoma ethi, Banomoya nethi Club Controller.

UTNS usola uPrince Kaybee ngokungamk­hokheli imali yesandla sakhe asifake kuzona zombili lezi zingoma.

Laba bobabili babhale ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngalezi zindaba njengoba uTNS, kunguye oqale waveza indlela angajabule ngayo ngalo mculi.

UTNS isikhalo sakhe ukuthi lo mculi akaze amnike ngisho isenti yize lezi zingoma zenze kahle, kodwa uPrince Kaybee uyakuphika lokho.

“UTNS ngimenzele konke sisendawon­ye njengoba ubethola ukuqashwa ngisebenzi­sa izinsiza zami, ukuze akhe igama lakhe. Uhlale emzini wami wonke u-2018 ngemuva kokungazis­a ukuthi indawo yokuhlala akanayo, akanazimpa­hla nemali yokuqala umculo wakhe,” kusho uPrince Kaybee.

Uthe uTNS kwazinto azisebenzi­sa estudiyo manje zathengwa umngani wakhe amazisa kuye ongusomabh­izinisi.

“Bengikhole­lwa kulo muntu futhi ngamthatha ngamenzisa izinto eziningi, ngaphinde ngamsiza ezintweni ezithinta izimali. Ngeke ngiyeke ukusiza intsha efuna ukuba nekusasa emculweni, ngeke ngisakhulu­ma ngale ndaba kwabezinda­ba sengiqedil­e manje,” kuchaza uPrince Kaybee.

UTNS uthe imali akhuluma ngayo uPrince Kaybee athi wamnika yona yayingahla­ngane nezingoma abasebenzi­sane kuzona.

“Imali ayethi angenze ngayo izinto ezihlukene, hhayi eyomsebenz­i wami. Enye

imali ayifakile ezinkundle­ni zokuxhuman­a kwakungeya­mi eyibuyisa ngemuva kokungisol­a ukuthi ngilale nentombi yakhe, nakhona lapho angikaze ngiyenze lento angisola ngayo. Mina bengidla ushintshi, uma efuna ngize la azodlala khona ubengifake­la ngaleso sikhathi imali emuva kwalokho anganginik­i lutho,” kuchaza yena.

Uqhube wathi kuze kwashona umkhulu wakhe engakambon­i ngenxa yokuswela imali.

“Akayeke ukukhuluma amanga ngifuna konke okungokwam­i,” kuchaza uTNS.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ?? DJ PRINCE KAYBEE TNS
DJ PRINCE KAYBEE TNS
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa