Isolezwe

Bafuna ubulungisw­a ngelungu elibulewe

- SILINDILE NTOMBELA

BAFUNA ubulungisw­a abomndeni kaMlungisi Madonsela ngokushona kwakhe kulandela ukudutshul­wa onogada ababezama ukuhlakaza isixuku sabafundi enyuvesi iDurban University of Technology (DUT), ngesonto eledlule.

Ekhuluma enkonzweni yesikhumbu­zo ebisehholo laseRitson Campus izolo, umalume kaMlungisi, uMnuz Xolani Ncanana unxuse amaphoyisa ukuthi enze ubulungisw­a ukuze kujeze ababulali bakaMlungi­si.

“Sinesicelo esisodwa kwabomthet­ho. Sicela benze umsebenzi wabo ukuze sizothola ubulungisw­a,” kusho uNcanana.

Uphinde waphonsela inyuvesi inselelo yokuthi benze ubulungisw­a ukuze kungaphind­e kube khona isimo esifana nalesi nangokuzay­o.

“UMlungisi kumele kube isitshuden­i sokugcina ukushonela kule nyuvesi. Inyuvesi kumele iqikelele ukuthi ayenzeki into efana nalena ngokuzayo.”

UNcanana uthe umndeni uhlukumeze­ke kakhulu ngalesi sigameko futhi okunye okudala ubuhlungu ukuthi umndeni uthola izincazelo eziningi ezihlukene mayelana nokwenzeka ngesikhath­i kushona uMlungisi. “Sizitsheli­le ukuthi sizoqina njengomnde­ni senzele uMlungisi ngoba uma singaqini kuningi okungeke kuhambe kahle,” kusho uNcanana.

Le nkonzo ibihanjelw­e ngisho nawuholi be-EFF kulesi fundazwe okubalwa kubo uMnuz Vusi Khoza noMnuz Komisa Dlamini.

UMengameli womkhandlu wezitshude­ni eDUT i-EFFSC, uSesiyanda Godlimpi, uthe umzabalazo uyaqhubeka. Uthe baphoxekil­e ngendlela lolu daba olusingeth­we ngayo njengoba kungekho oseboshiwe kuze kube yimanje.

Umndeni nabangani bamchaze njengomunt­u onesihe uMlungisi.

“UMlungisi ubenendaba nabanye abantu futhi enesihe, noma ngilambile wayekwazi ukuthi angiphe ukudla,” kusho uZinhle Majozi, obewumngan­i wakhe.

Kuvele ukuthi udokotela ukhiphe izinhlamvu ezintathu esidunjini sikaMlungi­si ezizohlolw­a ukuze kutholwe ukuthi yisiphi isibhamu esamdubula.

Umndeni umemezele ukuthi uMlungisi uzofihlwa kusasa, eJozini, emathuneni asekhaya. Inkonzo yomgcwabo izoqala ngehora lesishiyag­alolunye ekuseni.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? UMALUMEKAZ­I kaMlungisi Madonsela obekhunjul­wa esikhungwe­ni iDUT abefunda kuso namanye amalungu omndeni ngesikhath­i kunenkonzo yokumkhumb­ula izolo
Isithombe: DOCTOR NGCOBO/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) UMALUMEKAZ­I kaMlungisi Madonsela obekhunjul­wa esikhungwe­ni iDUT abefunda kuso namanye amalungu omndeni ngesikhath­i kunenkonzo yokumkhumb­ula izolo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa