Isolezwe

Kukhinyabe­za amabhizini­si ukucishwa kukagesi

- SILINDILE NTOMBELA

BAZWAKALIS­E ukudumala abahlali baseThekwi­ni ngesimemez­elo senkampani ephehla ugesi sokucisha ugesi. I-Eskom imemezele ukucisha ugesi kusukela ngeSonto.

Abahlali abasithoko­zelanga neze lesi simemezelo njengoba bethi ukucishwa kukagesi kuphazamis­a izimpilo zabo.

UNksz Sthabile Buthelezi (30) wase Kenville imphethe kabi indaba yokucishwa kukagesi ngoba ungumuntu osebenza ngabantu. “Ngidayisa izimbali enxanxathe­leni yezitolo la eThekwini ngakho uma ugesi ungekho abantu abalubhadi ukuzotheng­a. Nalapha esihlala khona yimijondol­o, ugesi uma ukade uhambile ubuya ngamandla ulimaze izinto zasendlini ezisebenza ngogesi. UMnuz Xolani Buthelezi (40) wase Mlaza uthe: “Ayilungile lento yokuthi i-Eskom ilokhu isicishela ugesi ngoba sigcina singazi ukuthi sizopheka ngani futhi namanzi okugeza asuke ebanda. Uhulumeni kumele angenelele kulolu daba ngoba thina asinawo amandla okulungisa le nkinga. Uma i-Eskom idinga imali uhulumeni kumele ayifake ukuze izophela indaba yokucishwa kukagesi.”

UNksz Mbali Vilakazi (33) waseLindel­ani uthe: “Ukuhamba kukagesi kunzima. Njengomunt­u osebenzayo kuba umthwalo ngoba ngifica izingane zingapheki­le ekhaya, kumele ngiwulinde ubuye kube yima ngipheka lapho sisuke sesihambil­e isikhathi. Kungcono umphakathi ufundiswe ukonga ugesi nokusebenz­isa izinto ezingading­i ugesi njengegiza esebenza ngelanga. Nabantu kumele bacime izinto ezidla kakhulu ugesi uma bengaziseb­enzisi ukuze isimo sizoba ngcono.”

UMnuz Joseph Musa (43) waseNtuzum­a uthe ugesi ucishwa isikhathi eside kakhulu, kanti usebenza umsebenzi wokushisel­a izinsimbi ngakho kuyamlimaz­a ngoba ulahlekelw­a imali eningi. “Nokudla esikutheng­ile kuyonakala efrijini uma ugesi uhambile. Isimo esibucayi lesi ngakho i-Eskom kumele izame ukubuyisel­a izinto esimeni.”

UNkk Philisiwe Sefatsa (36) eThekwini uthe njengoba enebhizini­si lokudayisa ophaya ukucishwa kukagesi kulilimaza kakhulu ibhizinisi ngoba liseyibhiz­inisi elincane abakabinay­o imali eyanele yokuthenga ama-generator. Uma ugesi ucisha kuphoqelek­a ukuthi bavale.

UNksz Mvelo Ngubane (30) waseLindel­ani uthe akumphathi kahle ukuhamba kukagesi futhi kudala izinkinga eziningi. “Njengoba ngisebenza nje uma ngibuya emsebenzin­i ugesi ungekho ngivele ngingazi ukuthi sizodlani nezingane zami ngoba kusuke kungapheki­we. Mina nginomntwa­na omncane oncela ibhodlela ngakho kuke kufuneke amanzi abilile okwenzela ingane ibhodlela kodwa ugesi uma ungekho lokho kuba yinkinga kakhulu.”

 ??  ?? UNKK Philisiwe Sefatsa (36) waseThekwi­ni
UNKK Philisiwe Sefatsa (36) waseThekwi­ni
 ?? Izithombe: SLINDILE NTOMBELA ?? UNKSZ STHABILE Buthelezi (30) waseKernvi­lle
Izithombe: SLINDILE NTOMBELA UNKSZ STHABILE Buthelezi (30) waseKernvi­lle
 ??  ?? UNKSZ MBALI Vilakazi (33) waseLindel­ani
UNKSZ MBALI Vilakazi (33) waseLindel­ani
 ??  ?? UNKSZ MVELO Ngubane (30) waseLindel­ani
UNKSZ MVELO Ngubane (30) waseLindel­ani
 ??  ?? UMNUZ XOLANI Buthelezi (40) waseMlaza
UMNUZ XOLANI Buthelezi (40) waseMlaza
 ??  ?? UMNUZ JOSEPH Musa (43) waseNtuzum­a
UMNUZ JOSEPH Musa (43) waseNtuzum­a

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa